Get breaking news alerts.
Don't miss a thing.
Subscribe
Uncategorized

Wayezifihla izinkinga zomtshado owatshiswa lemota

25 May, 2023 - 00:05 0 Views
Wayezifihla izinkinga zomtshado owatshiswa lemota

uMthunywa

WAYEKUFIHLA ukuhlukumezeka ayekuthola emtshadweni ukuze ubukeke umuhle ebantwini owesifazane owatholakala etshiswe ngemota emathuneni aseMolweni, eThekwini ngo-Mabasa 2020.

Lokhu kuvezwe nguNkosazana Qaqamba Bada ongudadewabo omncane kamufi uNkosikazi Kulukazi Ndlovu (39) owayengumsebenzi kaManisipala weTheku.

Kwabotshwa uMnumzana Sfiso Professor Ndlovu (46) ongumyeni kamufi obekade evele eNkantolo eNkulu yaseThekwini izolo.

IJaji uMohini Moodley likuhlehlisele kusasa ukuqala kokuqulwa kwecala.

UNkosazana Bada uchaze ukuthi ekuqaleni wawukade ubukeka umuhle umtshado kadadewabo loNdlovu kanti uyakufihla ukuhlukumezeka kwakhe ngoba evikela umyeni wakhe.

“UKulukazi wayengumuntu ofihlayo ukuthi kwenzakalani emtshadweni wakhe.

“Wayehlale enikeza isithombe sokuthi konke kuhle. Samangala sonke ngesikhathi sekuphuma amaqiniso ukuthi kwenzekani emtshadweni wakhe,” kulandisa uNkszn Bada.

Uqhube wathi bathuka enkantolo ngesikhathi uNdlovu ecela ibheyili eveza ukuthi umufi wayeseke wamvulela icala lokumtshaya owaphinde walesula umndeni ungazi.

“Siyathemba ukuthi lizophuma iqiniso bese kwenzeka ubulungiswa. Sifuna le nto ifinyelele esiphethweni nakuba engeke esabuya usisi wethu,” kutsho uNkszn Bada.

UNdlovu, ongu-inspector ophikweni lwamabhasi kaMasipala weTheku, ungaphandle ngebheyili.

Ufike enkantolo eswenke econsa egqoke isudu eluhlaza okwesibhakabhaka ihembe lezicathulo kukanokutsho. Ubebukeka ezikhululekele exoxa labantu abebekade beze enkantolo.

UNkszn Bada uthe laba babekade bengelazo izingane zabo ndawonye emtshadweni kodwa uNdlovu elazo ayezithole ngaphandle komtshado zikhuliswa ngumufi.

Kuthiwa umufi waqale wabikwa njengomuntu odukileyo kwaze kwaba kutholakala imota yakhe eyayitshiswe emathuneni eMolweni.

Kuvela ukuthi ngaphambi kokuthi anyamalale wayesehlala yedwa emqatshweni esephumile emzini wakhe osePhoenix.

Izihlobo zikamufi ezidabuka e-Eastern Cape, zithi bese zikhathele ukugqigqela ubala eThekwini, kuhlehliswa icala, manje ziyathemba lizoqulwa liqedwe bese kwenzeka ubulungiswa. —Isolezwe

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/ZWTC6PG" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds