UZolisa Xaluva ‘ubuyela’ kuSmoke & Mirrors

13 Jun, 2024 - 00:06 0 Views
UZolisa Xaluva ‘ubuyela’ kuSmoke & Mirrors

INTANDOKAZI yomlingisi wemidlalo kamabonakude  uZolisa Xaluva ukhonjwa kuSmoke & Mirrors, okungumdlalo angase akhuze ibuya kuwo.

UZolisa okuthiwa ubechithwe kulumdlalo nyakenye ngenxa yombango obephakathi kwakhe labalumdlalo othinta imali lokungahleleki kwabaqondisi bomdlalo, kuthiwa ubuyela endaweni yakhe abeyilingisa engusomabhizinisi uCeasar.

Umthombo weSolezwe Ngempelasonto uthe kulokhu uZolisa uphinde wanikwa lomsebenzi wokuba ngomunye wabaqondisi kulumdlalo futhi uyena osezocija lekhono kubalingisi abatsha balumdlalo.

Nyakenye utshiye kungekuhle, indawo yakhe yavalwa nguHlomla Dandala kodwa ongamukelwanga kahle ngababukeli.

Ethintwa uZolisa uthe akulona iqiniso ukuthi uyabuya kwiSmoke & Mirrors.

“Engingakutsho yikuthi kuyangithobisa ukuzwa ukuthi abantu basangidinga kuyo. Ngingabuyela khona kodwa kungahamba nemibandela eminengi njengodaba lwemali, ukuba lesikhathi kwami, indawo engizoyilingisa lenkontileka,” kusho uZolisa.

UZolisa owenza ezibukwayo kwiCode 13 kuMzansi Magic ekhonjiswa uma kuyiSonto, uthe uqeda ukushutha isizini yesithathu yeKings of Joburg futhi kunomdlalo aya kuwona kwiNetflix.

Kuthintwa omunye wophrojusa beSmoke & Mirrors uZuko Nodada akatholakalanga ukuze aphawule.

Uthunyelelwe nomyalezo okuze kwashaya isikhathi sokushicilela engawuphendulanga.

Ngo-2022 uZolisa washiya iGomora ekhala ngendlela okubhalwe ngayo indawo ayeyilingisa eyayingamgculisi. Lezo zindaba waziqinisekisa yena ngesikhathi eshiya lo mdlalo. Wakuveza nokuthi wayezimisele ngokuthi ufuna ukuba ngomunye wabaqondisi bomdlalo ukuze enze ubulungiswa ngendawo ayilingisayo kodwa leyo mizamo yangaphumelela.

Ngo-2014 wayekubalingisa abachithwa yiGenerations bekhala ngamaholo. Ukungavumelani nabaphathi balo mdlalo kaMfundi Vundla kwaholela ekutheni bachithwe bonke abalingisi bawo njengoba bateleka wagcina uvaliwe umdlalo. Ubuye usuyiGenerations: The Legacy usunabalingisi abasha abanye abaqale ukugqama kuwona.

 

 

 

 

Share This:

Sponsored Links