Uncategorized

Uzinikele ‘owabulala umkakhe wamgqiba’ besanda kutshada

30 Nov, 2023 - 00:11 0 Views
Uzinikele ‘owabulala umkakhe wamgqiba’ besanda kutshada uNontobeko Ntombeka

UMYENI wowesifazane otholwe esengamathambo kuvela ukuthi ubesewuntuntise izikhawu ezinengi, ewumbisa imigodi engekho umndeni kamufi kanti umgqibe eduzane kwethoyilethi lomgodi egcekeni lomuzi wabo.

Amathambo kaNkkz Nontobeko “MaDlomo” Ntombela waseQabavu, eNsuze, atholakale ngoMsombuluko sekumbiwa umgodi okhonjwe ngumyeni wakhe.

Wayekade enyamalale ngo-2020, eneminyaka engu-31.

Le ndoda kulindeleke ukuthi ivele phambi kweNkantolo yeMantshi yaseNsuze namhlanje ngecala lokubulala.

Kuvela ukuthi umsolwa ubekade ekhona ebukela ngesikhathi kumbiwa amathambo omkakhe.

Bekukhona namalungu omndeni womsolwa okuvela ukuthi abekhombisa ukungenami ngesenzo sakhe.

Kusolakala ukuthi lezi zithandani zahilizisana kangangoba umsolwa, oneminyaka engu-38, wamshaya kanzima wagcina embulele umkakhe.

Kuvele nokuthi umsolwa nguyena owaqale wabikela umndeni kamufi ukuthi udukile akamazi ukuziphi izinkalo, kwabikelwa namaphoyisa.

La mathambo atholakala nje bekungesikhona okokuqala umsolwa ekhomba lapho athi wamgqiba khona umufi.

UMnumzana Bheki Dlomo, ongumfowabo omdala kamufi, uzwakalise ukukhathazeka ngokuthi umsolwa uqale wabantuntisa ekhomba izindawo okungezona athi wagqiba kuzona umufi.

“Ubesedlalile ngathi u . . . (egagula umsolwa ngegama) esimbisa imigodi maqede singatholi lutho. Kodwa sesibonga ukuthi ugcine esikhombise indawo okuyiyo,’’ usho kanje.

Uthe njengomndeni baduduzekile ngokuthi ekugcineni iqiniso selivelile ngokuthi kwenzekani ngodadewabo.

Uthe yize kubuhlungu okwenzekile kodwa kungcono ngoba sebekutholile abebekudinga.

UDlomo uveze ukuthi umufi wayeshadile nomsolwa futhi kungakapheli isikhathi esingakanani.

Ukhale ngesihluku esikhulu athe sakhonjiswa ngumsolwa kumufi.

“Sasingazi ukuthi le ndoda iyogcina yenze into enjengalena kudadewethu. Sifisa sengathi ngabe kukhona esakwenza ngenhloso yokumlekelela,’’ usho kanjena.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe emuva kokuthi umsolwa esebonile ukuthi aseyaphela amahlathi, uvele wazinikela emaphoyiseni eqhutshwa ngumndeni wakhe.

UNetshiunda uthe amaphoyisa akwazile ukuthola amathambo kamufi, kwaboshwa umyeni wakhe obekwe icala lokubulala.

Uveze ukuthi kuzokwenziwa ulibofuzo ukuqinisekisa ukuthi ngakabani amathambo atholakele.-Ubulembu

Share This:

Sponsored Links