Uvalo nki kuBosso! . . .Uzaxotsha uphi umdlali uMadinda?

01 Nov, 2018 - 00:11 0 Views
Uvalo nki kuBosso! . . .Uzaxotsha uphi umdlali uMadinda? Madinda Ndlovu

uMthunywa

Nkosilathi Sibanda
BAHLALELE evalweni lokuthi bengaxotshwa eqenjini abadlali beHighlanders njengoba besehluleka ukuqeda isizini befikise iqembu kunombolo yesine kulogu.
Kodwa nguphi umdlali ozabuyela ekhaya kuqula eliqoqwe ngumqeqetshi uMadinda Ndlovu ngesikhathi engena kuleliqembu ebika ukuba uzokwakha ithimu ezathwala inkezo kumasizini alandelayo?

UNdlovu wabika ukuba nxa engehluleka ukuqeda ekunombolo yesine, kungcono akhiphe abadlali abakhona eqale kutsha, kodwa sekucaca ukuthi uzaqeda umnyaka ehluleke ukufikisa lesi isibanga.

“Ngibatshele ukuthi kumele bagcine indawo yabo eqenjini ukuze babekhona ehlelweni lwami ngesizini ezayo. Nxa bengekela ukuqeda bekunombolo yesine kusiya phezulu, sizaqala kutsha,” kutsho uMadinda.

IBosso yatshaywa 4-0 yiChapungu kumdlalo owahle wabulala iphupho likaNdlovu. Kulandela lumdlalo, iBosso ilokhe ithe ngci kunombolo yesikhombisa.

Umqeqetshi lo, uphume emphakathini engafihli ukuba yena usewuqedile owakhe umsebenzi, ebika ukuba sekusalele kubadlali ukuthi bagcine indawo zabo eqenjini.

“Abadlali sekusalele kubo ukuthi bagcine indawo zabo eqenjini,” nguMadinda lo.
UNdlovu wabika ukuba ukunqoba kweqembu leHighlanders kumidlalo eseleyo lisenkundleni yeBarbourfields yikho okungayinceda ukuthi iqede isizini ithe pheqelezi kunombolo yesine.

Kulimpelaviki iHighlanders idlala leHarare City, iqembu elayangisa ezikamagebhula kunkezo yeChibuku.

UNdlovu ofike kuleliqembu elenhloso yokuthi alibumbe kutsha, abuyisele isiko layo lokudlalisa abadlali abasakhulayo, usenconywe layinkokheli yethimu umgcinisihlalo uKenneth Mhlophe.

UMthunywa uvakatshele iBosso ngesikhathi ilolonga kwenye inkundla koBulawayo ngoLwesithathu lapho uNdlovu abonakale esadalala labadlali kulungiselelwa umdlalo wangempelaviki.

Imidlalo yePSL ngokugcweleyo:

NgoMgqibelo:

-Yadah v Bulawayo City (Rufaro)

-ZPC v Chapungu (Nyamhunga)

-Chicken Inn v Black Rhinos ( Luveve), Nichrut v Herentals (Ascot)

NgeSonto:

-Bosso v Harare City ( Barbourfields)

-Mutare City v Caps United ( Vengere)

-Shabanie Mine v FC Platinum (Maglas)

-Dynamos v Triangle ( Rufaro)

-Ngezi Platinum v Bulawayo Chiefs ( Baobab)

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/JRD3VTT" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds