UTembo ulethemba lokwakha iqembu elizathatha izicoco

09 Jul, 2020 - 00:07 0 Views
UTembo ulethemba lokwakha iqembu elizathatha izicoco uKaitano Tembo

uMthunywa

UMQEQETSHI weSuperSport United, uKaitano Tembo, ubona esakha iqembu elizashubisa umbango ku-Absa Premiership.

UTembo yisizini yakhe yesibili le, ngemva kokuthatha umsebenzi ngokugcweleyo ngemva kokubanjiswa lesi sikhundla ngo-2018 kulandela ukuhamba kuka-Eric Tinkler.

Ugcine enikezwe umsebenzi ngokugcweleyo kanti ngaphansi kwakhe kule sizini iqembu linqobe isicoco seMTN 8.

Phambilini isikhulu se-United, uStan Matthews, sike sabalisa ngokuthi iqembu sekuphele isikhathi lingaqedi likuTop 4.

Kumiswe imidlalo yeligi ngoMbimbitho Amatsatsantsa a Pitori ebambe indawo yesithathu ku-logu ngamaphuzu angu-40. Angemva ngamaphuzu ayisitshiyagalombili kuKaizer Chiefs, lokho leliqembu lasePitoli lilemidlalo emibili engaphezulu kuleyeChiefs engu-22.

UTembo ekhuluma esithangamini sabezindaba seSouth African Football Journalists Association (SAFJA), uthe ubona besendleleni enhle ebheke ekwakheni iqembu elizobe libanga izicoco.

“Ngihleli ngibheka lapho esisuka khona ngesikhathi ngisabambile. Ngesikhathi ngifika sasikunombolo 14, siqhele ngamaphuzu amabili emaqenjini ayebalekela izembe. Kulemidlalo eyisikhombisa eseleyo. Ngesizini elandelayo ngaqhatshwa ngokugcweleyo safinyelela kowamanqamu weMTN 8, sehlulwa yiCape Town City kumaphenathi saqeda endaweni yesithupha kuligi.

“Le yisizini yami yesibili. Sifike kowamanqamu weMTN 8 sanqoba, manje sihleli endaweni yesithathu. Uma ngibheka emuva ngibona inqubekela phambili. Yilokho okumqoka. Uma ubheka iqembu engalithatha abadlali abanengi sebatshiya. Mukhulu umehluko. Manje sekukhona abadlali abasebancane. Uma ngizehluleka yilezo zinto engizibhekayo. Kule isizini sifuna ukuqeda phezulu kulalokhu esikwenze ngesizini edluleyo. Yilokho esingalwela ukukwenza ngoba sisakha,” kulandisa uTembo.

Kukhontileka kaTembo kulomutsho othi iqembu lingayelula ngeminye iminyaka emibili. Phambilini uMatthews uke wezwakala esithi abasiboni isizatho sokungayingezeleli.

Amatsatsantsa a Pitori agcina ukuphakamisa indebe yeligi eqeqetshwa nguGavin Hunt ngesizini ka-2009/2010.

“Sisesigabeni sokwakha. Okunye okwenze kwaba nzima yilolu bhubhane olwenze kwancipha ibhajethi, ngakho kumele silthathe abadlali abancane abatshisekela ukuphumelela kodwa futhi siqhubeke ngokufaka umbango. Uma ngibheka leli qembu kumasizini amabili noma amathathu azayo ngibona silwela iligi.

“Ngibona leli qembu likhula liqina ngoba ngikholwa ekwakheni. Kumasizini amabili noma amathathu azayo ngiyabona siyiphosa inselelo,” kutsho uTembo. — Ubulembu

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/ZWTC6PG" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds