UTau akakakulungeli ukudlala e-England: Mbazo

25 Jun, 2020 - 00:06 0 Views
UTau akakakulungeli ukudlala e-England: Mbazo Percy Tau

uMthunywa

PHEZU kokuba abalandeli bebhola eNingizimu Afrika bemfuna ku-English Premier League (EPL) umgadli weBafana Bafana, uPercy Tau, kodwa u*-Aaron “Mbazo” Mokoena ubona lungakaqini ukhakhayi ngokwanele kuye.

UMokoena udlale iminyaka phetsheya kwezilwandle kumaligi ahlonitshwayo emhlabeni. Ngo-2003 kusiya ku-2005 ubeyibamba kuKRC Genk yeBelgium, ngaphambi kokusayina kuBlackburn Rovers ye-England ngo-2006.

Lokho uhambo lukaTau luphambene kulolukaMokoena kwazise usayiniswe yiqembu le-England, iBrighton and Gove Albion, wabolekiswa kuClub Brugge yeBelgium awine layo iligi emasontweni edlule.

“UPercy ngibona angani kakakulungeli ukuyadlala ibhola eNgilandi. Ngaba lomhlangano laye lomaneja wakhe ngesikhathi ngikuBafana Bafana ngamtshela ukuthi ngeke aye e-England manje, kumele alinde kancane ngoba kakavuthisisi uzofisa ukubuyela ekhaya. Ngamcebisa ukuthi angajahi ukuya khona.

Njengoba isisongiwe isizini eBelgium uTau uzolinda ukuzwa okuzokwenzeka ngaye. Emva kwesizini kaTau yokuqala phetsheya kwezilwandle, uwine umklomelo womdlali ovelele ebolekiswe ku-Union SG edlala esigabeni esiphansi eBelgium.

Abalandeli beBrighton bafune ukuthi abuyiswe kodwa izikhulu zamdlulisela kuClub Brugge.

“Angalunga e-England kodwa hayi okwamanje. Ngiyafisa ahlale eminye iminyaka kuClub Brugge azakhele igama. Mhlawumbe eminyakeni emibili ezayo usengaya e-England,” kutsho uMokoena.

UTau ufulathele iNingizimu Afrika ewine umklomelo womdlali ovelele ku-Absa Premiership.

Inengi liphoxekile ngesikhathi iBrighton ithatha isinqumo sokumbolekisa. — Ubulembu

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/ZWTC6PG" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds