UProfessor unethemba lokukhunjulwa ngengoma entsha

06 Jun, 2024 - 00:06 0 Views
UProfessor unethemba  lokukhunjulwa ngengoma entsha uProfessor

uMthunywa

UMAKADEBONA womculi we-kwaito, uProfessor, uthi kuyawukhathaza umoya wakhe ukuthi yize edabuka eKwaZulu-Natal kodwa kanayo inhlanhla yokuqatshwa khona.

UProfessor, odabuka eMlaza, uthe wathuthela eGoli ngo-1996 ngenxa yomsebenzi kodwa wabuyela eThekwini ngo-2005.

“Kwakumele ngijwayele iTheku, kwathi ngo-2009 ngabuyela eGoli sengiqala ukucula ngedwa. Ngitsho nangaleso sikhathi ngangingenayo inhlanhla yokuqatshwa kakhulu. Ngiyaziyela nje ekhaya hayi ngoba ngiqatshiwe. Angiqatshwa noma ngabe izinga liphansi noma liphezulu kuba wu gqwa gqwa. Kodwa manje ngilengoma entsha mhlawumbe abantu bazongikhumbula,” kutsho uProfessor opikwe engomeni kaHeavy K ethi “Ulele”.

Uthe umculo yibhizinisi ngakho kumele kwesekwane, abavelayo banikwe amathuba kanjalo nasebeneminyaka nabo banikwe awabo.

“Kuyawugqilaza umoya wami ukuthi kugcina sekunobuqembuqembu. Lokho kugcina sekusakhela inzondo singamaciko kuthiwa awadlelani nobani. Neminyango kahulumeni iyaqhatha kube sengathi abanye bayenzelelwa. Wonke umuntu akathole ithuba ngokulinganayo kwesekwane,” kusho yena.

Ingoma yakhe entsha ayikhiphile ithi “Watsamaya” futhi upike kuyo uNhlanhla Mafu oyilungu leMafikizolo.

“Ingoma ikhuluma ngosisi okhala ngokuthi ubekwa amabala. Nalona wesilisa uthi inkinga uma ethi imali iyaphela, usisi uvele athi useyahamba. Ubudlelwano bethu thina singabantu bunjalo ngenxa yesimo somnotho. Ubudlelwano obuningi bubulawa yilokho, abantu bayengeka kalula ngoba isisu siyakhala. Yinto engiyibuke njengeciko ngathi angikhulume ngayo noNhlanhla.”

Uthe yingoma akhela phezu kwayo ngoba unomculo omningi emgodleni afuna ukuwukhipha ngokuhamba kwesikhathi.

“Inkinga wukuthi izikhathi zishintshile, thina sisajwayela indlela entsha yokusebenza. Noma kunjalo kodwa ziningi izingoma futhi kune-albhamu engiyihlelayo ngoba abantu bakhombisa ukuyithakazela le ngoma.”

Ingoma yakhe isiqalile ukutholakala ezitolo zomculo ezidayisa nge-internet.

-Isolezwe

 

 

 

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey

This will close in 20 seconds