Uncategorized

Umsindo bhe ngoBhishopu okhandwe ezitika ngocansi endlini yesonto

23 May, 2024 - 00:05 0 Views
Umsindo bhe ngoBhishopu okhandwe ezitika ngocansi endlini yesonto

AVUTHA engabaselwe amalunga eBandla laseZayoni, eNseleni, uKukhanya Kwezwe athi awafuni ukuphinde ambone umholi walo, amsola ngokuthi ubanjwe oqotsheni, ezitika ngocansi endlini yesonto.

UMbhishobhi Zwelibanzi Mtimande (59) otshadelwe, usolwa ngamalunga aleli bandla ngokuthi ngesonto eledlule ubhadanywe amalunga amane aleli bandla, ezitika ngocansi lowesifazane ohlala eduze kwesakhiwo sebandla.

Lamalunga amane kuthiwa abezokwenza umsebenzi wokuhlanza indlu yesonto njengenjwayelo, azithela phezu kukamholi walo ezitika ngocansi lowesifazane okuthiwa ungumakhelwane wendlu yebandla.

Ilunga lebandla elikhulume laleli phephandaba, lifunge lagomela lathi buzochitheka bugayiwe kuleli sonto uma kuya ngokuthi uMtimande uzofika ezobakhonzisa.

Elinye lithe kuzoba nzima lokumbuka ngoba lesiya sithombe abazithele phezu kwaso, sizohlale sikhona.

“Angeke thina sitshunyayezwe yisikhohlakali. Hheyi waze wangcola nangu umuntu. Uyazi ukuthi usiphoxile, ngendlela nje ebesimthembe ngayo lapha ebandleni. Konke lokho manje sekumane kwatshabalala nje,’’ utsho kanje.

Kuthiwa intokazi abanjwe layo, okuthiwa isencane, ayizange ikhombise kuhlazeka yize bese kungene lamalunga ebandla.

“Uvele wathi thina siyaphi ngalesiya sikhathi esontweni ngoba kulezikhathi ezibekiweyo zokuthi sizohlanza indlu yesonto,” kutsho omunye wabazibonele ngawabo.

Kuvela ukuthi uMtimande uyindoda ehlonitshwayo ebandleni lasendaweni uqobo. Unkosikazi wakhe kuthiwa selokhu kuvele leli hlazo, akaziwa ukuthi ukuziphi izinkalo njengoba evele wahamba lasekhaya.

Omunye kulaba abazibonele uthe uMtimande uzamile ukubavala umlomo ngemali kodwa banqaba. “Besizoba lelikhulu iphutha ukuvuma ukuthula lamanyala, lokwenza okwenzeke endlini yebandla,” utsho kanje.

Lo wesifazane walile obelokhu ebabaze uhlobo locansi abebelwenza, uthe akafuni lokuluchaza ephephandabeni kodwa akubonile uyokuxoxela amagwababa echobana.

Ethintwa uMtimande, akaphikanga ukuthi ubesendlini yokukhonza lalo wesifazane, kodwa uthe abambonile mhlawumbe badidwe yikuthi owesifazane ubengagqokile kwesingenhla, esele ngobhodisi.

Uthe kodwa yena ubemthandazela. Ukhale ngezimpi zangaphakathi ebandleni, wathi kukhona abanye abaholi abamkhandela uzungu ngoba befuna ukuhola ibandla.

Uqhubeke ngokuthi uNkulunkulu uyomphendulela njengoba ebhecwa ngobende inyama engayidlanga nje.

“Labo labo abathi bangibambile bayazi ukuthi owesifazane ubeguqile mina ngimile ngikhuleka. Kodwa uma sebekhetha ukuthi bangibukanise lomhlaba ngokungiqambela amanga kulungile. Owami uNkulunkulu uyashesha ukuphendula,’’ utsho kanje.

Kuvela ukuthi ngaphakathi ebandleni sekuqubuke omkhulu umsindo njengoba kukhona abathi akaxolelwe uMtimande ngakwenzile. Abanye kuthiwa batshaya phansi ngonyawo bathi inkomo ingazala umuntu.

UMfu Ntokozo Makhathini ongunobhala webandla ukhombise ukungathandi ukuphawula ngalolu daba ngesikhathi ethintwa. Ubelokhu ethi akazi ukuthi intatheli ikhuluma ngani.

 

Share This:

Sponsored Links