Umise eyaphetsheya ezodlala kokaShaka

18 Aug, 2022 - 00:08 0 Views
Umise eyaphetsheya  ezodlala kokaShaka UNomzamo Mbatha

uMthunywa

ISILOMO somlingisi uNomzamo Mbatha sigeqa amagula ngokuba ngomunye wabadidiyeli bomdlalo kamabonakude obizwa ngokuthi uShaka Ilembe langokudlala indawo kaNandi ongunina kaShaka kuwo lumdlalo.

UNomzamo ongumlingisi osezakhele igama naphesheya kwezilwandle, uthi umise imisebenzi emikhulu yaphesheya ukuze abeyingxenye yalo mdlalo kamabonakude okhuluma ngeLembe, okulindeleke ukuba uqale ukukhonjiswa ngonyaka ozayo esiteshini esingaphansi kweMNet, uMzansi Magic.

Lo mlingisi uthe ukudlala indawo kaNandi kwaba yiphupho lakhe kudala kusukela eqala ukungena kulo mkhakha.

“Uma kuzobhekwa izinkulumo-ngxoxo zami ngisaqala, bekuthi uma ngibuzwa ngendawo eyiphupho engingayilingisa, bengihlale ngisho ngaphandle kokunanaza ukuthi wukudlala indawo kaNandi,” esho.

Uthe nangesikhathi livela ithuba lokuba yingxenye yalo mdlalo akazange ananaze njengoba kuyinto eyaqala ukuhlanganiswa eminyakeni engaphezulu kweyisithupha edlule.

“Umdlalo onjengalona usithathe cishe iminyaka eyisithupha ukuze sikwazi ukuqhamuka nawo njengoba bekudingeka ukuba sicwaninge, senze isiqiniseko sokuthi sithola umlando okuyiwona ngaphandle kokuhlanakezelwa,” esho.

Uthe naye kuningi akucwaningile ngendawo kaNandi ukuze akwazi ukuthola ukuthi wayengubani ngaphandle kokuba ngunina weLembe, wayengumuntu onjani futhi ecabanga kanjani.

“Bekumele ngizifake ezicathulweni zakhe, ngithole nemizwa yakhe ngakho konke okwakwenzeka kuyena nangendlela akhulisa ngayo iLembe nezinqumo azithatha,” echaza.

UNomzamo uveze ukuthi kwezinye iziqephu aziqophile ubeke avukwe wumunyu ngoba ezama ukuzwa imizwa uNandi ayebhekene nayo.

“Engingakusho wukuthi le ndawo kayilula ngoba kuningi okudingeke ukuba ngikufunde futhi ngikuqonde nangosiko lwakithi KwaZulu,” esho.

Uthi lo mdlalo nakuba umayelana neLembe kodwa kuningi abantu abazokuthola kuwona ngokubaluleka kwabesifazane abahlukene, ukukhulisa iLembe eligcine libumba isizwe samaZulu.

“Kahle kahle kuzovela indima eyadlalwa ngabesifazane ukukhulisa iLembe njengoba kuzovela nangokukhula kukaNandi eseyitshitshi kuwona lo mdlalo,” esho.

UNomzamo uthe ngaphambi kokubuyela kuleli ezoqala ukuqopha lo mdlalo, bekunomdlalo obekumele abeyingxenye yawo kodwa kwaphoqeleka ukuba ahoxe ngoba ukuba kulo mdlalo bekusho lukhulu kuyena.

Uphinde wababaza ikhono labalingisi abakhona kulo mdlalo njengoba ugabe ngabasha nasebemnkantshubomvu.

“Ikhono esinalo kulo mdlalo liyamangalisa kanti kuyisifiso sami ukuba laba balingisi abasebasha baqhubeke bathole indlela yokuya phambili, bangagcini ngokubonakala kulo mdlalo kodwa ubavulele neminye iminyango,” esho.

uNtando Duma

Lo mdlalo kulindeleke ukuba uqale ukukhonjiswa ngoNtulikazi (July) wangonyaka ozayo kanti phakathi kwabalingisi abanegama okulindeleke ukuba babonakale kuwona kubalwa uWiseman Mncube, uNtando Duma, uLemogang Tsipa, uSenzo Radebe, uThembinkosi Mthembu, uThandeka Dawn King ukukha nje phezulu.

— Ilanga

Share This:

Sponsored Links