Uncategorized

Umbhishopu utshaywa ngempama etshumayela

27 Apr, 2023 - 00:04 0 Views
Umbhishopu utshaywa ngempama etshumayela

uMthunywa

AKAZISOLI lakancane umam’ uMfundisi okuthiwa ngeSonto emini, usakaze umyeni wakhe ngempama phambi kwamalunga ebandla, emsola ngokuthi “utshumayela amanga”.

Ngokuthola kweSolezwe ngoMgqibelo, uNkkz Nonhlakanipho Mkhize (41), usakaze ngempama umyeni wakhe uMbhishobhi Vusimuzi Mkhize (50), webandla uKukhululwa KwabaNgcwele eliseNquthu, elileminyaka emihlanu lasungulwa.

Kuthiwa ngemva kokuba esemsakazile uhlale phansi kwaba sengathi akukho lutho alwenzile.

UMbhishobhi kuthiwa uqhubekile lokutshumayela, wanxusa amakholwa ukuba ehlise umoya.

Isolezwe ngoMgqibelo likhulume lomkaMbhishobhi obezwakala ecasukile. Uthe ucunulwa yikuthi umyeni wakhe usekhulelise amavolintiya amabili ngaphakathi ebandleni futhi amalunga ebandla ayakwazi lokho.

Uthe okumnenge kakhulu yikuthi abe lesibindi sokusukuma atshumayele ngokubaluleka kokuba abefundisi babe qotho futhi bawaphathe kahle amakhosikazi abo.

“Lokhu kungicasule kakhulu, ngizizwe nginyanya ngehluleka lokuzibamba ngavele ngasukuma ngaqonda kuye, ngamsakaza ngempama. Akazange aphindisele.

“Ubengeke ngoba uyawazi amacala akhe,”’ kuchaza unkosikazi kamfundisi ngentukuthelo.

Ubize umyeni wakhe ngesoka lamanyala elicatsha ngezembatho zebandla, wathi baleminyaka eyisithupha betshadile lomkakhe.

Uqhubeke wathi uhlale emkhuza ngokuthanda amantombazane. Okubi yikuthi uqonywa ngaphakathi ebandleni, okumehlisa isithunzi.

“Angithi laye uhlezi engehlisa isithunzi phambi kwamanye amakholwa. Akekho umuntu ongazi ukuthi umyeni wami wenzani esontweni. Ngiyajabula ukuthi lami ngize ngalithola ithuba elingqayizivele lokuthi ngimbukanise labantu,’’ utsho kanje.

Ethintwa uMbhishobhi Mkhize, uthe akambambele gqubu umkakhe ngokumsakaza ngempama, wathi umkakhe akazange abuye ekhaya ngemva kwesigameko. Uzwile ukuthi ukubo eKranskop.

Kuthe uma ebuzwa ukuthi ziyiqiniso yini izinsolo zokuthi usekhulelise kwaze kwaba amahlandla amabili ngaphakathi enkonzweni, waphendula ngokuthi lixhotshwa libhekile. Ugcizelele ukuthi akathandi ukuthi izindaba zomdeni wakhe zibhadlazwe ephephandabeni, zifundwe ngumhlaba wonke.

Uncenge intatheli ukuba ingalubhali udaba, ezeseka ngokuthi uhlela ukubuyisana lomkakhe.

Omunye wabonobhala bebandla uzwakalise ukukhathazeka ngesahlakalo esenzeke ngeSonto. Uthe kulomhlangano ophuthumayo wobuholi obuphezulu bebandla ohlelelwe ngasekupheleni kwenyanga lapho kuzobhungwa ngokwenzekayo phakathi kwenhloko yebandla lomkayo.

“Yize kungesikhona okwethu ukungenela phakathi kwabo. Kodwa iqiniso yikuthi ukungezwani kwabo kubonakala sekuphazamisa ukukhonza kwethu. Ngakho kumele kube khona okwenziwayo,’’ kuchaza unobhala.

Isolezwe ngoMgqibelo lithole ukuthi uMbhishobhi lomkakhe abalabo abantwana.
Kuthiwa umfundisi eminyakeni emibili edlule uke wazama ukuba lesithembu, wakuchitha lokho umkakhe. — Ubulembu

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/JRD3VTT" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds