UMaphorisa uthembise uMacG isibhaxu

20 Oct, 2022 - 00:10 0 Views
UMaphorisa uthembise uMacG isibhaxu Dj Maphorisa

uMthunywa

U-DJ Maphorisa usethembise umethuli wezinhlelo isibhaxu kulandela ukuthi emsole ngokuvalela oDj abazizamelayo kulo mkhakha. UMacG uke wabonakala ohlelweni lwakhe i-Podcast and Chill ethi uzwe ngandlebenye ukuthi uDj Maphorisa akaneme njengoba ekhipha i-EP.

Lokhu ubekuxoxela ababukeli nozakwabo uSol Phenduka nokuyilapho uMacG eveze khona ukuthi uMaphorisa udinwe uyaveva njengoba engaqalanga ngokucela umbono wakhe nemvume yokudedela le i-EP.

UMaphorisa akalalanga endleleni, useqophe i-video ethi lapho bezohlangana khona loMacG uzomthela phansi ngokumsukela. Akagcinanga lapho, uveze nokuthi yena loMacG baqhelelene kakhulu ngokwezinga.

Umfanekiso lo uthethwe kuShutterstock

“Ngeke ngiqophisane loMacG ngoba ungumfana omncane, okusempeleni wonke umuntu owenza amapiano usebenzela mina. Abantu abameseke kodwa angasebenzisi igama lami ukumaketha i-albhamu yakhe,” kutsho uMaphorisa.

Abantu ezinkundleni zokuxhumana bahlukene phakathi ngale ngxabano. Babodwa abathi uMacG uyedelela, udinga induku kanti abanye bathi uMaphorisa kwakumele aphendule ngelanga amsola ngalo, hhayi namhlanje.

“Uqinisekise ukuthi uyambhonya ngempela, wephule nale mcondo yakhe ngoba ukhuluma umbhedo,” kutsho uVuyiseka.

“Engabe kungani uMaphorisa esezolwa manje ekubeni kade uMacG akutsho lokhu? Akuyona into yamanje,” kutsho uMlaba Mpho.

“UMacG akamhloniphanga uMaphorisa, asingathathi hlangothi bakwethu, simele iqiniso,” kutsho uMasego Sefolosha.

Share This:

Sponsored Links