Uncategorized

Umama lendodakazi bagwetshwe ukudilikelwa lijele

25 May, 2023 - 00:05 0 Views
Umama lendodakazi bagwetshwe ukudilikelwa lijele

uMthunywa

LIBALAHLE kabili elakubo ababulali eNkantolo eNkulu yaseThekwini, ibagweba odilikajele maqede yachitha lesicelo sabo sokudlulisela icala labo. Kube yinjabulo yodwa emdenini kaNkkz Simangele Simamane noSbongakonke Mthembu ngesikhathi inkantolo igweba odilikajele uSlindile Zamisa nendodakazi yakhe u-Andile Zamisa ngamacala okuthumba, awokubulala nelokudukisa ingalo yomthetho.

Ijaji elibambile uSibisi, ugwebe laba iminyaka ewu-5 ecaleni lokuthumba, udilika jele ecaleni lokubulala uNkkz Simamane, kanye neminyaka ewu-6 kwelokudukisa ingalo yomthetho. Ijaji libe selinikeza uSlindile omunye udilikajele ecaleni lokubulala uSbongakonke njengoba lokhu akwenza eyedwa kanti uzobadonsa ngokwehlukana odilikajele bakhe. NgoLwesine inkantolo ibigcwele amalunga omphakathi amanye abefake imifaniswano yeqembu le-ANC kanye neSanco abeyokweseka umndeni wakwaSimamane njengoba nawo ehlale ekhona eNewlands lapho kwabulawela khona abafi.

Phakathi kwabebehambele inkantolo, bekukhona noMnu Bonginkosi Kheswa owayenguthishanhloko eCastlehill Primary lapho kwakufunda khona uSbongakonke ngaphambi kokuba abulawe ngesihluku.

Ekhuluma neLANGA Lempelasonto uMnu Kheswa, uthi uzwa ubuhlungu obuyisimanga ngento abayenza njengoba babesola uMnu Simamane ngokufa kukaSbongakonke. Utshele leli phephandaba ukuthi waze wakhipha umyalelo wokuba bangabe besamvumela ukuba angene esikoleni njengoba wayejwayele ukufika ezobazisa ngokuqhubekayo ngecala. “Sengixolisile kuMnu Simamane ngesenzo sami sokuba ngikhiphe umyalelo wokuba angabe esangena emagcekeni esikole ngoba sasisola ukuthi uyathinteka ekufeni kukaSbongakonke. Kodwa-ke sijabule ngoba ababulali sebegwetshiwe futhi yize sengathatha umhlalaphansi kodwa ngizoxhumana nothishanhloko engamshiya ukuba kube nenkonzo yesikhumbuzo kaSbongakonke, sijabulele nokuthi ekugcineni sebenziwe ubulungiswa,” kusho yena.

UNkkz Simamane, ongumamezala kamufi uthi yize engeke esabuya uSbongakonke nomakoti wakwakhe, kodwa ujabule kakhulu ngesigwebo esinikezwe ababulali. Uthi kwesinye isikhathi ubehluleka nokulala ebusuku uma ecabanga indlela abebedelela ngayo ababulali enkantolo bekhombisa nokungazisoli ngesenzo sabo. “Ngijabule kakhulu ngesigwebo, kuzomele bafele khona ejele ngento abeyenza, buzoke bufike nobuthongo sengazi ukuthi bazobhadla isikhathi eside ejele,” kutsho yena.

UMnu Siza Mthembu ongumfowabo kamufi aphinde abe ngubabekazi kaSbongakonke, uthe bengumndeni nabo bagculisekile ngesigwebo. “Mayelana lokubaxolela, kangiboni ukuthi ngiyokwazi, uma uNkulunkulu engijezisa ngalokho, sengiyokwamukela ngoba angiboni ukuthi kuyoke kwenzeke,” kutsho yena.-Isolezwe

Share This:

Sponsored Links