Uncategorized

UMakhadzi ulinxusa ku-EQUAL Africa

21 Sep, 2023 - 00:09 0 Views
UMakhadzi ulinxusa ku-EQUAL Africa

UMCULI we-Afro House, uMakhadzi, unyelwe yinyoni esandleni njengoba eqokwe njengenxusa le-EQUAL Africa ezakuba khona ngoMpandula. UMakhadzi ukleliswe labanye abesifazane abavela e-Afrika abanjengoTayla, Qing Madi noKhanyisa.

Isolezwe lithole ukuthi i-EQUAL Africa isebenzela ukuthi abesifazane bathole amathuba emculweni lasembonini esebenza nge-audio futhi isisizile ukuqhakambisa umsebenzi wabesifazane e-Afrika.

UMakhadzi ungene emkhakheni wezokungcebeleka eseleminyaka engu-12 futhi engumdansi eLimpopo, lapho adabuka khona. Yilapho futhi azakhele khona igama ngesikhathi ecula emarenki, ematekisini, ezitolo lasemicimbini emincane engakaziwa.

“Ngabona ukuthi umculo lubizo lwami ngesikhathi ngicula emigwaqweni, emarenki, ematekisini lasezitolo. Kwakuza abantu abanengi bezongibuka bangiphe lemali ngesikhathi ngicula. Abanye babeze batshiywe zimota bemile bengibuka,” utsho kanje.

Njengoba uhambo lwalonoma ngabe yiwuphi umculi lulezinselelo futhi singekho isiqiniseko sokuthi uzophumelela, lalo uhambo lukaMakhadzi belungehlukile kolwabanye. I-albhamu yakhe yokuqala elesihloko esithi Muhwalo Uya Ndemela, ayikhipha ngo-2015, ayiphumelelanga ngendlela ayelindele ngayo.

“Okubalulekile yikuzethemba, ulinde isikhathi sakho. Uma ulethemba ikhono lakho, kufanele uthembe futhi ukholwe isikhathi sikaNkulunkulu. Siyazi ukuthi isikhathi sakhe sihlale sisihle,” kutsho uMakhadzi ozakhele ugazi nge-albhamu eyayithi Matorokisi ngaphambi kokukhipha ethi iKokovha ne-African Queen.

Oyinhloko yomculo eSub-Saharan Africa, uPhiona Okumu, uthe abaculi besifazane base-Afrika sebekhombise ukuthi bayawazi umsebenzi kodwa baswele usizo lamathuba. “Ukubalekelela ngezinsizakusebenza futhi lokubavulela amathuba abonakalayo, kubalulekile kwiSpotify,” uPhiona.

uOliver Mtukudzi

UMakhadzi, ocula ngolimi lwesiVenda, okuyibufakazi bokuthi ulimi ocula ngalo alutsho lutho emculweni, ukhule elalela umculo wase-Afrika kanti ubala abaculi abafana lo-Oliver Mtukudzi, uJah Prayzah, uYemi Alade, uDiamond Platinumz lomculi owumVenda, uZozo. Abalaleli beSpotify bayifela ngomculo wakhe ngendlela efanayo lalabo abasuke bembukela uma ecula bukhoma enza adume ngakho.

Ekhuluma ngomculo wakhe, uMakhadzi uthe: “Uma ungumculi, ungawuhlanganisa noma yikanjani umculo wakho, inqobo nje uma umnandi, ugideka futhi ulomyalezo omuhle. Ngihlanganisa umculo omnandi, abantu abangakholisa futhi ngiyakuthanda ukuthi ngicula ngolimi lwebele.”

Share This:

Sponsored Links

×

ZTN Feedback Survey

ZTN

Scan the QR code on the poster or click the link below to share your thoughts.

Take Survey