Ulimukisa intsha ngobubi bobugebengu umlingisi

22 Dec, 2022 - 00:12 0 Views
Ulimukisa intsha ngobubi bobugebengu umlingisi

uMthunywa

UMLINGISI osasemncane we-W eMlazi uzwakalise ukuthi ukulingisa kuBlack Door etshengiswa eTV kumnike ithuba lokuqwashisa intsha ngobugebengu ikakhulukazi njengoba ekhule kuyinto ayibona imihla namalanga kuleli lokishi.

UKwanda Manyathi (20) ulingisa indawo kaVelaphi kulo mdlalo. Echaza ngale ngqayizivele yethuba alitholile uthe:

“Ukulingisa le ndawo kube yingqayizivele yethuba, bengiphoqelekile ukuthi konke engikwenzayo ngikwenze kukholakale kobukelayo ngenhloso yokuqwashisa abantu ukuthi ubugebengu kabukhokheli. Ngaphezu kwalokho, ngiphuma kwenye yezindawo ezinobugebengu obuphezulu KwaZulu-Natal,” esho.

Ekuqaleni kwendawo elingiswa nguKwanda uvela engumfana olungile, ethanda ibhola lezinyawo kodwa enenkinga yokuthi akamazi uyise. Kuthe uma ebuza unina wathola ukuthi uyisithelo sokudlwengulwa ngumuntu owaziwayo.

“Konke lokhu kumenze wanentukuthelo, kodwa ukuba ubekhuluma ngalokhu ubezokwazi ukubhekana nakho. Lokhu kutshengisa ukubaluleka kokuthi amadoda akhulume ngezinkinga abhekene nazo. Yingakho egcine esedla izidakamizwa, wangena nasebugebengwini,” esho. Uthi indawo ayidlalayo imenzele ugazi kwabanye ngoba bebethi wexwayisa ngobugebengu kepha abanye bebebuka sengathi uyabugqugquzela.

Ngaphambi kokuba abonakale kuBlack Door, uthi ubelingisa kweyeshashalazi, waba nenhlanhla yokuthathwa ngumdidiyeli wemidlalo kamabonakude uMandla N.

“Kuyisibusiso kimina ukuthola leli thuba lokusebenza nabalingisi abanohlonze. Bebengicathulisa, konke engikwenzayo bengingeke ngikwenze ngaphandle kwabo. Nami futhi bengizihlupha ngolwazi,” esho.

Kubalingisi abukela kubo ubala uWiseman Mncube, uThobani Nzuza, uSello Ramolahloane (onguyise kulo mdlalo). 

UKwanda uthi unesifiso sokukhula kule ndima alingise nasemidlalweni yaphesheya kwezilwandle. Kwabeza ngemuva, uthi: “Bangalilahli ithemba, kubalulekile ukuzimisela, ithuba lizoqhamuka. Isisho engiphila ngaso ngesithi okungokwakho ngeke kukwedlule, kepha okungesikho kuyophunyuka ngisho usukubambe ngezandla zombili,” ephetha. — Ilanga

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/JRD3VTT" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds