Uncategorized

Ukhala ngodokotela omsike umlomo

07 Nov, 2019 - 00:11 0 Views
Ukhala ngodokotela omsike umlomo UMnuz Ntokozo Mchunu

uMthunywa

UKHALA ezimathonsi owesilisa weNtuzuma othi udokotela obemkhipha izinyo umsike umlomo ngoba ethi ulomlomo omncane.

UMnumzana Ntokozo Mchunu (26) uthe wakhipha izinyo kuDokotela MS Moola KwaMashu ngeledlule emuva kokulikhipha udokotela wathi akazibuke esibukweni wabona ukuthi ulimele wase ethi akaye kumfowabo okhona kuyo le ndawo amthunge. Uma esebuyela kuye efuna ukuthi bakhulume ngokulimala kwakhe uthi umsizi kadokotela uthe udokotela umatasatasa akakwazi ukumbona.

“Ngosuku lokuqala engaya ngalo kudokotela wanginika amaphilisi wathi ngilethumba angibuyele ekhaya ngiyewasebenzisa ngibuye emuva kwezinsukwana. Sengibuyile wangihlaba ngejekiseni eyenza ukuthi kube ndikindiki angizwanga ukuthi kukhona lapho ngilimala khona.

Ngabona ngesikhathi esethi angibuke isibuko. Wabuza kimi ukuthi manje kumele kwenziwe njani wase ethi angiye kumfowabo angithunge.

Wathi imali ebengimkhokhele yona yokuthi angikhiphe izinyo usezokhokhela ngayo umfowabo ozangithunga. Umfowabo lo kwaphela ihola laye engilindisile ethi ulezigulane zakhe,” kutsho yena.

Uqhubeke wathi wayecabanga ukuthi udokotela uzamtshayele ucingo baxoxe ngokuthi uzomnxephezela kanjani kodwa lutho.

“Kwathuleka ngaze ngabuyela mina khona kodwa umsebenzi wakhona wathi angikwazi ukumbona udokotela ngoba umatasatasa. Sengiye kanengi khona ngifike ngichithwe kuthiwe udokotela umatasatasa. Angizange ngilithole ithuba lokuthi ngixoxe lodokotela sibonisane. Angazi noma uyangibalekela noma ngumsizi wakhe ongafuni ngimbone ngoba uvele athi umatasatasa ngihlale ngize ngihambe ngingambonanga.

Angisazi ukuthi kumele ngiye ngaphi ukuze ngisizakale ngoba manje ngilesibazi esingeke siphinde siphele engikholwa ukuthi udokotela waba budedengu ngoba wayesebenza masinya ejahe imali kwabanye ababelinde ukungena kuye,” kutsho yena. Ethintwa ngaloludaba uDkt Moola ongawatshongo amagama akhe uvumile ukuthi kulesigulane esalimala esikhipha izinyo wathi isigulane sasikhipha izinyo lomhlathi elisekucineni kanti silomlomo omncane salimala.

“Ngiyaqala kulimaza isigulane emlonyeni selokhu ngaqala ukusebenza. Angikaze ngizwe ukuthi isigulane sibuyile sifuna ukuthi sikhulume.

Ngenza okwakufanele ngaleso sikhathi ukusisa kudokotela ozasithunga bese ngikhokha izindleko zokwelatshwa kwaso. Angibaleki, ngeke ngibalekele isigulane ngephutha elenzakeleyo. Uma efuna sikhulume akeze kimi sikhulume angangithumeli abezindaba,” kutsho yena. — Ubulembu

Share This:

Sponsored Links