SIZWAKALISE ukudumala isihlabani somculo, uZakhele “Zakes Bantwini” Madida (osesithombeni) ngesenzo sikaDJ Cleo — ogama lakhe langempela nguCleopas Monyepao — sokuncitsha i-kwaito yeThekwini ithuba eleneleyo ngesikhathi kuhlonishwa iminyaka engu-30 yomculo waseNingizimu Afrika, ngaphansi kwentando yenengi emcimbini weSouth African Music Awards Sama) ngempelasonto.
UZakes ubabele enkundleni yokuxhuma iX wazwakalisa ukungathokozi ngalesi senzo sikaDJ Cleo. Uthe uyithokozele indlela uCleo ahlanganise ngayo izingoma — ezisetshenziswe ukuhlonipha umculo wakuleli — kodwa wathi udumele ngokuthi iDurban kwaito kayimelelekanga ngendlela egculisayo.
UCleo ube esemphendula ngokuthi bekuzoba ngcono ukuba umbhalele umyalezo kumakhalekhukhwini wakhe njengoba enayo inombolo yakhe. Uthe uyamthanda uZakes futhi uyameseka emsebenzini awenzayo. Ngemuva kwale mpendulo kaCleo, uZakes ube esexolisa ngombhalo wakhe, wathi akwenzile ubekwenziswa wuthando lomculo.