Uncategorized

Ubulale umama wengane engafuni ukwaliwa

13 Jan, 2022 - 00:01 0 Views
Ubulale umama wengane engafuni ukwaliwa UNontethelelo Sithole obulewe yindoda

uMthunywa

KUSHABALALE amathemba empilo engcono kuqala unyaka emndenini wesitshudeni ebesizokwenza unyaka wokugcina, okuthiwa sigwazwe sabulawa obeyisoka laso, licasulwa ukwaliwa.

UNontethelelo Sithole (21) waseNsonge, eHlathikhulu, ngaphansi kukaMasipala Imbabazane, okuthiwa ubezokwenza unyaka wokugcina kwiBachelor of Pharmacy e-University of Johannesburg, kuthiwa ushone emva kokugwazwa yisoka elinguyise wengane yakhe, okuthiwa belingafuni ukwaliwa.

Unina kamufi, uNkosazana Delisile Sithole, uthe bewumndeni bafe olwembiza njengoba wonke amathemba bese bewabeke kuye kwazise baziphilisa ngokubamba amatoho, akekho osebenza umsebenzi oqondile.

“Ungibulele umfana.

Bekuwukuphela kwengane yami ebesengithembele kuyo njengoba emlamayo ineminyaka emihlanu.

Into eyenzekile ibuhlungu kakhulu, siyafisa ukuthi umthetho uqinise isandla, angayitholi ibheyili ngoba usizwise ubuhlungu kakhulu,” kusho uNkszn Sithole.

Uninomncane kamufi, uNkszn Msindo Sithole, elandisa ngokwenzekile, uthe batshelwe ukuthi ingxabano phakathi kukamufi nesoka iqale ngobusuku obandulela uNcibijane, emva kokuba umufi ephumele obala wathi akasamfuni umsolwa.

“Izingane zisitshele ukuthi bezikomunye umuzi lapho bezihlukanisela khona unyaka ngesikhathi lo mlisa engena ephethe ummese efuna uNontethelelo ngenkani.

Kuthiwa kusize abafana bakulowo muzi bamxosha.

Ngakusasa ekuseni uNontethelelo ubikele umndeni ukuthi akasamthandi ubaba wengane yakhe ngoba vele akamsizi ngalutho nengane uyazikhulisela ekhona,” usho kanje.

Uthe umufi uthunywe esitolo esiseduze ukuthi ayothenga inkukhu okulapho efice khona umsola, wambiza okuthe uma enqaba wakhipha ummese wamgwaza kanye esifubeni.

Umndeni uveze ukuthi lesi sitshudeni sizofihlwa ngempelasonto kanti umsolwa uboshwe ngawo uMgqibelo.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uColonel Thembeka Mbele, uthe kuboshwe owesilisa oneminyaka engu-22 ovele eNkantolo yeMantshi yaseMooi River, ngoMsombuko, ngecala lokubulala.

-Ubulembu

Share This:

Sponsored Links