Ubophela izinkatha umdlalo ozovala iskathi sikaMbewu

13 Apr, 2023 - 00:04 0 Views
Ubophela izinkatha umdlalo ozovala iskathi sikaMbewu uZolisa Xaluva

uMthunywa

UZOLISA Xaluva owaphelelwa ngumsebenzi emdlalweni iGomora, ungomunye wabalingisi abahamba phambili emdlalweni iSmoke and Mirrors, ezaqala ku-e.tv mhlaka 17 Mabasa.

Lumdlalo uzavala isikhala somdlalo iMbewu efinyelela emaphethelweni ngoLwesihlanu kuyonale iviki.

Umdlalo iSmoke and Mirrors uqotshelwe elokitshini laseMnyameni, elakhelene lemayini lapho kuzobonakala khona imikhuba ehlukene eyenziwa abantu besilisa abadumile labahlonitshwayo emphakathini.

Ekhuluma ngalo mdlalo omunye wabophrojusa bawo uLoyiso Maqoma uveze ukuthi benze ucwaningo olunzulu ngalo mdlalo ngaphambi kokuthi bawuqale.

“Njengoba kuthiwa kuleli lokitshi kuseMnyameni nje, kanjalo lomdlalo uzohambisana legama lendawo ngenxa yezinto ezizobe zisenzakala kuwo. Wonke umuntu ohlala kule ndawo akalungile njengoba ebukeka.

Umlingisi ababukeli okumele bambheke kakhulu uThandiswa (Ayanda Bandla) ongumnikazi wendawo yokuzicwala emini, ebusuku udayisa ngomzimba futhi osemsebenzini wokuveza bonke abenzi bobubi kule ndawo ikakhulukazi abesilisa abangabaphathi baseMnyameni,” kutsho uLoyisa.

Uthe yize lo mdlalo bewenze ngendlela yokuthi konke okwenzeka khona kube sengathi kwenzeka ngempela, okunye okuzojabulisa ngawo ukubonakala kwabalingisi abahlukene.

“Kunengi esikwenzile ukuze siqale siqophe lo mdlalo. Sijabule futhi sitsho ngokugabazi ukuthi silomdlalo ozogcina ababukeli bethe njo kuwo,” kutsho yena.

Omunye wabalingisi ozabonakala kulo mdlalo uMeshack Mavuso.

Kwenzeka lokhu nje abakwa-e.tv bakhipe isitatimende bebonga abalingisi bomdlalo iMbewu ngokubenzela umdlalo obe yingqophamlando esiteshini sabo.

Baveze ukuthi amasizini wonke womahlanu atshiye ababukeli balo mdlalo bebambe ongezansi.

Bathe njengoba lo mdlalo usuya emaphethelweni ababukeli bawo kumele babheke isiqubulo esithi Bend the Knee.

Izinkinga zakwaBhengu loKhemisi baveze ukuthi izona ezizoholela ekutheni kubonakale ukuthi ubani ozokwehlela ngezansi akhothamele omunye.-Isolezwe

Share This:

Sponsored Links