UBilliat uchitha amahlebezi ngokubuyela kuSundowns

17 Oct, 2019 - 00:10 0 Views
UBilliat uchitha amahlebezi ngokubuyela kuSundowns uKhama Billiat

uMthunywa

UMDLALI othenjiweyo kuKaizer Chiefs, uKhama Billiat, usebhobokile ngenkulumo zokuthi uzicelele ukubuyela kuMamelodi Sundowns.

Isizini entsha iqale kulokukhathazeka kubalandeli beChiefs emuva kokuthi kuqembu leSundowns kuvele ukuthi ifuna ukubuyisa uBilliat oyilaxaze ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2018/2019.

Kade sekusabalele ukuthi nxa uKhama ebuyela eChloorkop, uzahola ukubadlula bonke abadlali ku-Absa Premiership. 

“Ngesikhathi isabalele lindaba bengizama ukungacabangi ngayo kakhulu (okubhalwe ngami), ngizama ukugxilisa umqondo wami ngingaphazamiseki.

“Kudingeke ukuthi ngiqine ngokomqondo. Angazi ukuthi bekwenzakalani. Angikaze ngithintwe ngumuntu. Konke bengikubala enkundleni zokuxhumana. Bekungamahlebezi nje, ngizwa abantu bethi ngifuna ukubuyela emuva. Ngiyajabula lapha. Likhaya lami leli.”

Umdlali lo uqhubeke wathi: “Kufanele ngenze isimo sibe yilento engiyifunayo. Siyiyona lento ebengiyikhangelele, futhi ngifisa sihlale sinje,” kutsho uBilliat.

Ukungadlaliswa kukaBilliat emidlalweni yokuvula isizini yikho okwandise kakhulu insolo zokuthi kungenzeka ukuthi akajabulanga eNaturena.

Ngakolunye uhlangothi umqeqetshi weSundowns, uPitso Mosimane uthe wonke umdlali ulalo ithuba kodwa akafuni ukukhuluma ngoBilliat ngoba iPremier Soccer League izamhlawulisa, njengoba akasuye umdlali wakhe.

Kumaviki adluleyo umqeqetshi uErnst Middendorp uhlulekile ukuyibamba intukuthelo yakhe esola uBilliat ngokuyodlalela iqembu lesizwe laseZimbabwe emdlalweni wokuhlungela inkezo yoMhlaba ekubeni kufanele ngabe uyalulama eNaturena.

Umaneja weChiefs, uBobby Motaung, uzwakalise ukuba inkulumo kaMiddendorp, wathi uma umdlali ebizelwe eqenjini lesizwe ngeke bamvimbe.

Ebuzwa ngalokhu, uBilliat uthe: “Sikhulumile ngakho (loMiddendorp). Singabadlali sihlala sifuna ukudlala ibhola.Sihlala sifuna ukuya eqenjini lesizwe njalo uma sibiziwe.

“Ngicabanga ukuthi bengingenza kangcono kodwa bekufanele ngihambe kwazise iqembu lingivumele. Konke kulungiswe ngendlela efanele.Angilankinga ngokwakhulunywayo.Kuhambisana lomsebenzi wethu. Izinto zingakhulunywa, izinto zingenzeka,” kutsho uBilliat. —Ubulembu

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/JRD3VTT" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds