Uncategorized

Ubesolwa ngokweba iselula umfundi obuleweyo

16 Jun, 2022 - 00:06 0 Views
Ubesolwa ngokweba iselula umfundi obuleweyo ONOGADA bakwa-Reaction Unit of South Africa, ababizwe amalungu omndeni ngemuva kokutholakala kwesidumbu somfundi. Isithombe sithethwe ku Isolezwe

uMthunywa

ISIDUMBU somfundi okuthiwa ucine ukubonakala ngoMgqibelo ebusuku sitholwe silaliswe eceleni kwendlela ngeSonto ekuseni.

USanele Mncwabe (18) obefunda uGrade 12, eMagqibagqiba Secondary, isidumbu sakhe sitholwe ngabomdeni silezibazi zokutshaywa eNkangala, eNanda.

Okhulumela onogada bakwa-Reaction Unit of South Africa, uMnuz Prem Balram, uthe bathole ucingo luvela emdenini ucela usizo emva kokuthi uthole isidumbu.

“Ngokutsho komdeni, kufike abangani abathathu bakaSanele kubo babuza ukuthi ubengakabuyi na. Bazise umdeni ukuthi bebetshaywa ngamalunga omphakathi abebasola ngokuntshontsha iselula kodwa bona bakwazi ukweqa babaleka, emva kwalokho bangakwazi ukumbona ukuthi yena uphelele kuphi. Umdeni ubusuqala ukumcinga okuholele ekutheni uthole isidumbu sakhe silezibazi eNkangala,” kutsho uMnuz Balram.

uPrem Balram

Okhulumela amapholisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amapholisa aseNanda aphenya icala lokubulala, wathi imbangela yokubulawa kwakhe ibingakaziwa.

Kwenzeka lokhu nje, kulindeleke ukuthi lamuhla libuyele eNkantolo eNkulu yaseThekwini icala elibhekene loMnumzana Mabhuti Hopewell Nyamakazi (49), owabotshwa ngoNcwabakazi nyakenye ngecala lokunyamalala kukaMmeli Ngcobo, owayefunda uGrade 12 eHillgrove Secondary, eNewlands West.

UMmeli wayegcine ukubonakala ngoNhlolanja nyakenye. Kuthiwa ngosuku agcina ukubonwa ngalo, kwabonakala uNyamakazi emphoqa ukuthi agibele ngenkani emotweni emva kokuphuma kwesikolo, emsola ngokweba iselula yengane yakhe eyayifunda loMmeli ekilasini.

Unina kaMmeli, uNkkz Hlengiwe Ngcobo, uthe yize zikhona izinsalela zesidumbu ezigcinwe emakhazeni futhi betshelwe ukuthi ulibofuzo lukhomba ukuthi ezendodana yakhe, umdeni ukholwa ukuthi akusilona iqiniso. Balindele ukuthi ummangalelwa akhiphe iqiniso ukuthi wamshonisaphi. UNyamakazi selokhu atoka kusuka ngoNcwabakazi nyakenye njengoba anqatshelwa ibheyili.

Share This:

Sponsored Links