uMthunywa

Sekusemthethweni ukusebenzisa insango emakhaya

INKANTOLO yomthethosisekelo isinqume ukuthi abantu abadala sebevunyelwa ukusebenzisa insango emakhaya kweleSouth Africa. Lesi sinqumo simenyezelwe luhlangothi lweNhloko yamajaji kulelo, uJaji Raymond Zondo.

Lokhu kulandela impi ende ebiholwa yiDagga Party yokuthi kube semthethweni kulelo ukusebezisa imbanje emakhaya.

Umbuso ubukade ufuna sibuyekwezwe isinqumo sokuba semthethweni kokusetshenziswa kwensango njengoba ukholelwa ukuthi ababhema insango bayaphazamiseka ngokomqondo futhi bangaba yingozi kwabanye abantu.

Inkantolo enkulu eWestern Cape ngaphambilini yakhipha isinqumo sokuthi iDrug Act yakulelo inqinda ilungelo lokwenza izinto ngasese.

Yaphinde yakuthola kungekho emthethweni ukunqanda abantu ukusebenzisa, ukuthenga lokubhema imbanje emagumeni emizi yabo.

Ngakolunye uhlangothi i-IFP ithela izithelo ezinhle kumkhankaso wokuthi uhulumende avume ukutshalwa kwensangu ezosetshenziselwa ukwelapha abantu kuleli. — Isolezwe