Oseyisilomo soZalo uthi waye ngaqondile ukuba ngumlingisi

18 Jun, 2020 - 00:06 0 Views
Oseyisilomo soZalo uthi waye ngaqondile ukuba ngumlingisi Uthuthuka Mthembu uthi wayengaziphuphi engumlingisi odumile

uMthunywa

UMLINGISI weGoli, uThuthuka Mthembu, uthi wathola ithuba ngokunikezwa indawo ephambili kulo mdlalo owuchungechunge obukwa kakhulu eSouth Africa, Uzalo ngoMpalakazi ka2018.

Lu mlingisi oleminyaka engu-22 uthe yena wayengakaze aziphuphe esenza lumsebenzi wokulingisa kodwa kwathuka ucilo uzitshaya esagileni.

UThuthuka udlala indawo yomlingiswa onguNonka, okuyintombazane eleminyaka engu-18, ehlala KwaMashu futhi ezididekele ngoba ayazi ukuthi kufanele ikhetheni phakathi kothando lemfundo.

“Yingqayizivele yethuba kwithelevishini futhi ukuba semdlalweni obukelwa kakhulu ezweni yimpumelelo enkulu kimi. Angikaze ngakufundela ukulingisa kodwa ukuthekela ulwazi kwabanye ozakwethu lasekufundeni kundima yezokulingisa yilo uhlelo engizicija ngalo.

Ngibusiswe ngale ndawo futhi ngicabanga ukuthi uma nje ngisenza into engiyithandayo, ngizobe ngifeza iphupho lami.” Uthe indima yezokungcebeleka ilenselelo ezinengi njengokuzama ukwamukela udumo.

“Ngolunye usuku ngangingumuntu nje ojwayelekile, manje sengidumile. Inselelo kimi ukuthi kwakufanele ngifunde ukwamukela inguquko ukuze ngingabi lenkinga emphakathini lokuthi umsebenzi wami udinga ngenzeni. Ukubhekana labantu noma ngingabhekani labo kwayiguqula kakhulu impilo yami. Yinto engisazama ukuzijwayeza yona.”

Uthe kule ndima ubukela kakhulu abantu abanjengo-Oprah Winfrey, Ava DuVernay labanye osaziwayo bakuleli abanjengoDawn Thandeka King. Uthe ukuze uhlale isikhathi eside endimeni yokulingisa kufanele ube ngumuntu ofundisekayo.

“Uzohlale uthola ukugxekwa kukho konke okwenzayo. Kuzohlala kulabantu abakuzondayo. Udinga ukwamukela ukugxeka okwakhayo ukuze ubhekane kahle lenselelo,” kuphetha uThuthuka.

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/JRD3VTT" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds