Lonyaka kubelenguquko kuTV

29 Dec, 2022 - 00:12 0 Views
Lonyaka kubelenguquko kuTV SK Khoza

uMthunywa

ABALINGISI abaningi bawulinde ngabomvu unyaka ka-2023 ngenxa yokuthi uzokuba nezinguquko ezehlukene kwithelevishini.
Manje ake sibheke emuva kokwenzeke eziteshini ezihlukene nasezinhlelweni nemidlalo ehlukene kulo nyaka.
Kujwayelekile ukuthi abathandi bemidlalo nezinhlelo zethelevishini baveze ukungajabuli kwabo ikakhulu uma umdlalo noma uhlelo seluhamba ngendlela engabajabulisi.
Kulo nyaka kwaM-Net kushintshe izinto eziningi kufika abaphathi abasha abenze konke okusemandleni ukuqeda ngemidlalo nezinhlelo ababukeli akade beshaya amakhala ngakho.

Umdlalo iThe Queen, ngomunye wemidlalo emasontweni amabili ezayo ophelayo kuMzansi Magic. Lo mdlalo bese siside isikhathi bekhala ngawo kodwa kunzima ukuwuqeda. Kulo nyaka bathathe isinqumo sokwenza kanjalo nokuyinto enhle.

Umdlalo iThe Queen, ngomunye wemidlalo emasontweni amabili ezayo ophelayo kuMzansi Magic.

Kusona lesi siteshi, umdlalo iDiepCity nawo kuyaphela ngawo.Miningi eminye imidlalo eqediwe eziteshini okukhona kuyona umdlalo iThe Legacy, kwaqedwa nezinye izinhlelo.

Imidlalo eyenze kahle kwaM-Net kulo nyaka, iThe Wife kwiShowmax, Umkhokha kuMzansi Magic, iReyka neminye.
Ukubona izinhlelo ezintsha kuMzansi Magic okukhona kuzo iSunday Sexy Love, Forever Maybe nezinye kube ngelinye igxathu elincomekayo.

The Wife

I-SABC nayo izamile ukuqhubeka nokukhiqiza imidlalo yakuleli ebikhonjiswa njalo ngeSonto. Bathi bakwenza lokhu ngoba befuna ukugcina abalandeli babo.
Engikuthandile ngale midlalo wukuthi ibigqamisa ithalente lentsha engaziwa, njengoba eminye yayo ibigabe ngabalingisi abasafika kulo mkhakha.

Okungajabulisa kwiSABC ngonyaka ozayo, ukuthi bagxile kakhulu ekukhombiseni izinhlelo zobumnandi. Izinhlelo ezifana neSelimathunzi nezomculo zingadlala indima enkulu kulesi siteshi.
Isiteshi, i-e.tv yisona engizosishayela kakhulu izandla kulo nyaka. Ukuletha umdlalo oqhakambisa ucansi kube ngenye yezinto abazenze ngesibindi kodwa benomqondo wokujabulisa ababukeli babo.

The Black Door

Akekho ongazi ukuthi umdlalo iBlack Door ubalandele iningi labalandeli abakhulise izibalo zababukeli.
Iphutha okumele bangalenzi ukucabanga ukuwuqeda lo mdlalo njengoba ngisho ezinkundleni zokuxhumana isiqephu ngasinye siba wundaba mlonyeni.
Ngicabanga ukuthi i-e.tv kumele ilethe izinhlelo ezikhombisa eziteshini zayo ezikhokhelwayo kubabukeli bayo abangakwazi ukuzikhokhela, uma sebekubona sekulungile lokho.

IMoja Love nayo iqhubekile ngokwenza kahle kulo nyaka ezinhlelweni zayo, njengoba uhlelo Uyajola 9/9 kube ngolunye olwenze kahle lwaze lwangena kwezingu-10 ezihamba phambili kwaDStv.
I-X-Repo ngolunye uhlelo okumele baqhubeke babambelele kulo njengoba lugila izimanga ezinhlelweni zakuleli ezenza kahle.
Kule ngosi yanamhlanje sithi siyabonga kunina bafundi bethu nibe noKhisimusi omuhle.-Isolezwe

Share This:

Sponsored Links