Kungenzeka aphenduke oweMuvhango

01 Jun, 2023 - 00:06 0 Views
Kungenzeka aphenduke oweMuvhango uGabriel Temudzani

uMthunywa

SEKUQUBUKE indida ngezindaba zokutshiya komlingisi weMuvhango, obeseyingxenye yalo mdlalo iminyaka engu-23, uGabriel Temudzani, odume ngelika-Azwindini.

IMuvhango emasontweni adlule ikhiphe isitatimende ifisela lumlingisi okuhle kodwa njengoba ibiveza izindaba zokuphela kwendawo yakhe. Uhambe kulo mdlalo ngemuva kokudutshulwa.

Muva nje, kube nemibiko eveze ukuthi lumlingisi usaqhubeka ngokuqopha kulo mdlalo, lakubalingisi abevele eqopha labo, indawo yakhe isekhona.

Kuvele lamahebezi okuthi abalumdlalo lalumlingisi bamemezele lezi zindaba ngoba befuna ukudonsa amehlo ababukeli.

Ingxenye yethimba labalingisi bomdlalo wakuSABC, uMuvhango omiswe ukuqopha ngenxa yomunye wabalingisi osolwa ukuthi kungenzeka ukuthi utheleleke ngeCovid-19

“Imithombo yami ngaphakathi kulumdlalo iveza izindaba zokuthi lumlingisi usakhona, uyashutha labo futhi uzophinde abonakale kuwo maduzane,” kubhala uPhil.

Umthombo weSolezwe ongaphakathi kulo mdlalo, uveze ukuthi kuyiqiniso okukhulunywayo njengoba u-Azwindini igama lakhe lisavela eziqephini ezisazoqoshwa.

“Sonke asazi ukuthi kwenzakalani kodwa yena ukhona usazoqopha nathi kwezinye iziqephu, abantu basazophinde bambone,” kuchaza yena.

Isolezwe lizamile ukuthola izimpendulo ngalokhu ngokuxhumana noKgomotso Ndwandwe okhulumela iMuvhango.

UKgomotso, uthe usacela ukuthunyelelwa imibuzo ngalokhu kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicilela imibuzo engayiphendulanga.

UCaroline Phalakatshela waseSABC uveze ukuthi ukudideka kungenzeka kudalwe ukuthi lo mlingisi uke wabonakala nenkampani eqophaumdlalo, ngemuva kokuvela kwezindaba zokuthi uyatshiya.

“Izikhalo zabantu yizona eziphoqe ukuthi baphinde bahlangane nenkampani eqopha umdlalo naye uGabriel. Esingakusho okwamanje ukuthi kuningi okwenziwayo okuthinta indawo akade eyilingisa. Esikunxusayo manje ukuthi ababukeli balo bahlale bawubuke ukuze babone ukuthi kuzokwenzakalani,” kutsho uCaroline. —Isolezwe

Share This:

Sponsored Links