Uncategorized

Kunengeke umphakathi kugwazwa ingane elezinyanga ezingu-10

23 Jun, 2022 - 00:06 0 Views
Kunengeke umphakathi kugwazwa ingane elezinyanga ezingu-10

uMthunywa

UYATHUTHUMELA unina (19) wengane elezinyanga ezingu-10, egwazwe amanxeba amathathu emathangazini ngabesilisa abathathu abangaziwayo, eMahlabathini, eVerulam, ngeSonto ntambama.

Lesi sehlakalo kuthiwa sicasule amalunga omphakathi azame ukubamba abahlaseli kodwa badla phansi.

Unina wengane, uNkosazana Slindile Maphumulo, uthe utshiye ngakibo kuvuliwe waya komngane wakhe, ukuyabukela ithelevishini.

Uthe umuzi wakubo, ongamagumbi amabili lorawondi owakhiwe eceleni, uhlukaniswe yimizi emibili lakubo kamngani wakhe.

Uqhube wathi ubuye kubo ethi uzogqokisa ingane ijesi bese ephaka ukudla kanti uzofica abesilisa abathathu sebephakathi endlini.

“Ngingene endlini ngadlulela ekamelweni lokulala ngafica abalisa abathathu.

 

Bekumnyama okuthe uma ngingena oyedwa wabo waya egunjini lokuphumula, oyedwa wama ekhoneni lekamelo ebesikulo.

Lona omunye uvele wadonsa ummese wangatsho lutho wagwaza ingane amanxeba amathathu ethangazini,” kuchaza unina wengane.

Uthe ingane igwazwe eyiphethe wavele wamemeza, ehlaba umkhosi komakhelwane.

Emva kwalokho, abahlaseli baphume endlini babaleka.

Uveze ukuthi umakhelwane oyedwa ubize abosizo lokuqala abafike bahlola ingane base beyiphuthumisa esibhedlela oSindisweni, lapho efike yathungwa khona ethangeni lakwesokunxele.

Lo owesifazane uchaze abesilisa abahlasele kubo wathi baleminyaka ebalelwa ko-23, futhi bese bebuya okwesibili.

Udalule ukuthi ngoMfumfu ngomnyaka odlule, abahlaseli bangena kubo babamba ingane yakhe ngomlenze bayibhekisa phansi ngekhanda, bayikhomba ngesibhamu, bathatha imali eyayisembhedeni.

Kuthiwa unina wekhaya uhlala ngasematohweni, akamningi ekhaya.

Ekhaya kuhlala uNkosikazi Maphumulo, ingane yakhe, labafowabo ababili abaleminyaka engu-17 le-13, abebengekho ehlaselwa.

Uthe akukho muntu aseke wamnyathela amakhona noma angazwani laye endaweni kodwa uyasola ukuthi abangene kubo bakwenze lokhu ngoba bekwazi ukuthi akukho muntu omdala abahlala laye.

Uthe akakalivuli icala emapholiseni, kumanje usabela impilo yakhe ngalesi senzo esivusele lonina umfutho wegazi ophezulu, wabuya emsebenzini ngokushesha ngenkathi ezwa ngaso.

iReaction Unit South Africa

Okhulumela abezimo eziphuthumayo enkampanini yobonogada, iReaction Unit South Africa (Rusa), uMnuz Prem Balram, uthe abahlaseli bacingwe bangatholwa ngumphakathi obuthukuthele.

Uthe bafike endaweni ngabo-7 ebusuku, baxilonga ingane base beyiphuthumisa esibhedlela.Ikhansela lendawo, uMnumzana Fakazi Mdletshe, lithe bakhathazekile futhi batshaqekile bengumphakathi ngalesi sehlakalo.

Uthe isimo simuncu emphakathini.

“Kulezehlakalo zobugebengu obudlangile emphakathini.

Isimo siya ngokuphuma esandleni ngenxa yobugebengu obenzeka buphindelela.

Sikhathazekile uma kulabantu abenza into enjena emphakathini wethu,” kutsho uMdletshe.

Uthe kwenzeka lesi sehlakalo nje, ubekade ehlanganise abefundisi kulomkhuleko ngesonto eledlule ngenxa yokwanda kwezehlakalo zobugebengu endaweni. — Ubulembu

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/ZWTC6PG" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds