Kumnyama ngekusasa likaBilliat kuChiefs

09 Feb, 2023 - 00:02 0 Views
Kumnyama ngekusasa likaBilliat kuChiefs uKhama Billiat

uMthunywa

KUMNYAMA ngekusasa lomgadli weKaizer Chiefs, uKhama Billiat, osekuqinisekiswe ukuthi ngeke esadlala kule isizini ngenxa yokulimala.
Ngeviki edluleyo, Isolezwe libikile ukuthi uBilliat osekulezinyanga engadlali, uphinde walimala sekubhekwe ukuthi abuyele enkundleni. Kuleliviki kuqinisekisiwe ukuthi usohlwini lwabadlali baMakhosi abahlinziwe, okukhona kubo loNkosingiphile Ngcobo loReeve Frosler abalimale emasontweni adluleyo.

Okwenza isimo sikaBilliant sibe nzima yikuthi sithinta ikusasa lakhe eNaturena, kwazise inkontileka yakhe iyaphela ngoNhlangula.
Kule isizini udlale imidlalo engu-11, akalalo igoli ekubeni sivele sikhulu isikhalazo kubalandeli beChiefs abathi akabenzeli lutho kusukela elandwe kuMamelodi Sunodwns, lapho ebevutha khona.

UZwane ungene ezintangeni ebuzwa ukuthi kuzokwenzakalani ngalo mgadli waseZimbabwe ekupheleni kwesizini.
“Konke kuncike entweni eyodwa, okuwukucubungula abadlali lezinhlelo zesizini ezayo. Ngeke ngitsho ukuthi ngubani ozohlala eqenjini, noma ngubani ongeke esaba yingxenye yeqembu. Okwamanje asazi. Kuzocaca ngokuhamba kwesikhathi,” kutsho uZwane.

“UKhama mdala, uyaziqonda lezi zinto (ukulimala). Ziyenzeka ebholeni futhi ezinye awukwazi ukuzilawula. Siyathemba nje ukuthi izinto zizolunga. Siyamkhuthaza.
“Hhayi yena kuphela kodwa loMathoho uphuma kuleso simo, lapho ekade ehlutshwa khona yikulimala.
“Bakhona abanye abadlali ababhekene laleso simo kumanje, kodwa iqembu liyabasiza langokomqondo.”

UZwane ukhuluma kanjena nje, kuthiwa ngaphakathi kweChiefs bahlukene phakathi mayelana lesinqumo okufanele sithathwe ngoBilliant, oyikha ngamafotsholo kodwa ohlala elimele.
Ekuqaleni kwesizini, Amakhosi asayinise inqwaba yabadlali ngethemba lokubuyisa izinsuku zenjabulo. Kodwa kuze kube manje akuhlangani.
UZwane, osekukhona abalandeli abangasamdingi esikhundleni, uzothola elinye lokubaguqula imiqondo koweNedbank Cup leMaritzburg United eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoLwesihlanu ngo-7.30 ebusuku.

“Ngeke kube ngumdlalo olula ngenxa yokuthi indlela abazoza ngayo izohluka. Ngicabanga ukuthi bazibona belethuba lokuwina kwazise benza kahle kulezi nsuku. Thina sihlala sifuna ukuyiwina yonke imidlalo. Asiyikhethi ukuthi sidlalela iligi noma indebe. Singathanda ukuhamba size sifike kowamanqamu siyiwine iNedbank. Lokho kubalulekile kithi sonke siyiqembu,” kutsho uZwane.
“Kuzaba ngumdlalo owehlukene kakhulu. Ngokwazi kwami uFadlu (uDavids oqeqetsha iMaritzburg), uyakwazi ukuhlela. Kuzobavuna ukudlalela ekhaya phambi kwabalandeli babo. Kusezandleni zethu ukwenza isiqiniseko sokuthi sidlulela emzuliswaneni olandelayo. Kuzofanele sisebenze ngokuzikhandla.”

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/JRD3VTT" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds