Kukhethwe abalingisi beDurban Gen kowezindondo

15 Sep, 2022 - 00:09 0 Views
Kukhethwe abalingisi beDurban Gen kowezindondo uNelisiwe Faith Sibiya loBrighton Thembalethu Shandu

uMthunywa

ABALINGISI beDurban Gen abangamathe lolimi, uNelisiwe Faith Sibiya loBrighton Thembalethu Shandu, baqhathwe emunxeni owodwa kumaSouth African Traditional Music Achievement awards (Satma), kanti umcimbi ungo-Mfumfu 1, eMpumalanga.

UNelisiwe olingisa indawo kaDokotela Mbali Mthethwa, loBrighton ovamise ukuhaya izinkondlo uma kulemicimbi yesintu, yizintokazi ezihlale zibonakala ndawonye emicimbini eminengi yesintu futhi zibhincile.

Ebuzwa uBrighton ukuthi ubudlelwano babo bunjani njengoba bedlana imilala emkhakheni weBest Traditional Social Media Influencer, uthe busebuhle kangangoba bahlale behlekana ngalokhu.

“Singabangani, eyowela kuye indondo iyobe ingalahlekile,” kusho uBrighton oyimbongi efundele ubuntatheli nesike yasakaza kwiZululand 97.0 FM. Uthe into esemqoka ukwakha igama nokulibona lichuma.

“Kwakhona ukuthi uqokiwe, nezinga nje labantu osuke uqhathwe nabo liyakhuluma. Okusho ukuthi umuntu kukude lapho eya khona.”

Bobabili baboshelwe kulo munxa noZamambo Mkhize, Bafana Mthembu, Audrey Sikhosana, Tinyiko Khoza, Nomalizwi MC Mhlongo, Thato Angel, Thando Mahlangu noYenkosinabadala Makhoba. Imizamo yokuthola uNelisiwe ukuze aphawule, igcine ingaphumelelanga.

Abagqugquzeli bomcimbi bathe konke sekumi ngomumo futhi bathembisa nokuthi izithameli bazifihlele induku emqumeni ngamaciko azonandisa.

Kweminye iminxa kuqhathwe kanje. Best Upcoming Artist/Group: Mjolisi, Mkoti Ogwaqa noMa’onas The Melodian. Best Mbhaqanga: Ababekezeli noTrevor TMV. Best Traditional Music Community Radio Presenter: Sakhile Mphumeleli Madonsela (Maputaland Community Radio), Ngelosi Myeni (Nongoma FM), Mr Shosho (Inanda FM) nabanye. Best Maskandi: Masinga, Udumakahle noGatsheni, Most Voted Song of The Year: Gatsheni — Inhlupheko nabanye, Best Traditional Music SABC Radio Presenter:

Bheka Mchunu (Ukhozi FM), Gudlabatshakazi (Umhlobo Wenene) nabanye, Best Traditional Acappella: Inkululeko, Nombika Black Boyz ne-Afrika Mamas, Best African Jazz Artist: Fanie Dick, Mthobisi Mthalane noDzivha Fundudzi, Best Afro Soul Song: Daniel Brothers- We Dance Again, Royalson- Ubuhle Bomuntu no-Amanda Mankayi- Ndawo Yam. —Isolezwe

Share This:

Sponsored Links