uMthunywa

Kasekho oweLadysmith Black Mambazo, uShabalala

Joseph Shabalala

USEDLULILE emhlabeni umsunguli weLadysmith Black Mambazo uJoseph Shabalala (79) ngemva kwesikhathi ephathekile emzimbeni. Ngenyanga edluleyo uShabalala kwabikwa ukuthi ulaliswe esibhedlela sePitoli kukubi. 

Ngaphambi kwalokho ngokuthola kwaleli phephandaba uShabalala, obesethethe umhlalaphansi ekukhokheleni iqembu, ungeniswe esibhedlela esiseThekwini ngoMpalakazi nyakenye.

Ngokwemibiko uShabalala ufele esibhedlela esisePitoli, kodwa eminye imbiko ngokwedlula kwakhe emhlabeni ibingakaphumi. 

UShabalala udlula emhlabeni ngemva kokukhokhelela iLadysmith Black Mambazo iminyaka engaphezulu kwengamatshumi amane (50), bathola izindondo ezinhlanu zama-Grammy.  

Ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesibili ekuseni iqalile ukungena imiyalezo yenduduzo, abanye bekhumbula leli ciko ngokubathinta ngomculo.

Lonyaka Amambazo agubha iminyaka engamatshumi ayisithupha (60) asungulwa. Umgubho uqale eMgungundlovu ngoZibandlela mhlaka 11 lapho babebeke khona isiteki sikaR50 000 esasibangwa ngamaqembu ahlukeneyo.

Ngenyanga edluleyo iqembu belingekho eNingizimu Afrika njengoba belilomcimbi eNew York.  Kulindeleke ukuthi liqhubeke ligubha okubalwa kuyo umcimbi iNanda Dam World Music Festival ngoMbimbitho mhlaka 29. — Ubulembu