Kafuni kuphinda atshade uBlack Coffee

09 Mar, 2023 - 00:03 0 Views
Kafuni kuphinda atshade uBlack Coffee uBlack Coffee

uMthunywa

UDJ weSouth Africa osedume umhlaba wonke, uBlack Coffee, usethethe isinqumo sokungaphindi atshade ngemva kokwehlukana lomlingisi uMbali “Enhle Mbali” Mlotshwa.

“Yingakho lamhlanje sengisazi mhlophe ukuthi ngeke ngiphinde ngitshade. Manje sengisendaweni engcono yokuqonda ngami.

“Ngisakhula intombazane ibitshelwa ngomama bethi ‘Yeka abafana . . . Yeka abafana.’ Ithi isileminyaka engu-26, omama bathi ‘Bangaphi abantwana? Sifuna ukuba labazukulu.’ Ithi intombazane isilabo, (abasekho omama) isibondla yodwa. Umphakathi uyakwenza lokho,” kutsho uBlack Coffee kuPodcast and Chill with MacG ngoLwesine.

Uthe yena wathi umsebenzi uqala ukuchuma wathenga umuzi wakhe wokuqala leMercedez Benz, baqala abantu ukumbuza ukuthi umthola nini unkosikazi.
“Leyo nto yayilokhu idlala engqondweni yami. Ngikhumbula owayengunkosikazi kaChristoz enza lelo hlaya, kade engisiza ngokubhukhela ukuyodlala e-Europe.

“Wathi ‘Hhayi! Hhayi! Sidinga umakoti! Sidinga umakoti!’ Yize ayencokola kodwa leyo nto iyahlala kuwe. Igcine sekuyinto elandelayo okufanele uyenze.”
Uthe ngokuqonda kwakhe asikho isidingo sokuphoqelela abantu ukuba bashadane. Uthe umsebenzi wakhe nempilo ayiphilayo akuhambisani nomshado.
“Nginaye umuntu engihlekisana naye. Ngisendaweni enokuthula noxolo. Akunangcindezi.”

uBlack Coffee

Uthe okwabahlukanisa nomkakhe, uMbali “Enhle” Mlotshwa, wukuthi baqala bethanda izinto ezifanayo kodwa bagcine sebenemibono ehlukile.
Ebuzwa ngokuthi ukuphinga akudlalanga yini indima ebudlelwaneni babo, uthe akavumi futhi akaphiki ngoba abantu abakugxekayo nabo bayakwenza. Uthe ukuphinga yinto evamisile futhi akhule yenziwa.

“Sikhule omalume besithuma emashendeni.” Ngesikhathi ezwa ngokuphinga kobe ngumkakhe, uBlack Coffee, uthe kwamphatha kabi ngoba uyamazi ukuthi uwumuntu onjani. Akusiyo into esingayijabulela.”

Echaza ngokufakwa enkantolo ngezinsolo zokuhlukumeza u-Enhle, uBlack Coffee uthe kwakubuhlungu ukuba senkantolo ngecala ayengalenzanga. Uthe kwaze kwavela nabantu ababengakaze bamthanda. Uthe ukube wayemhlukumeza umkakhe ngabe bahlukanisa ngaleso sikhathi.

Ebuzwa ukuthi usamkhumbula yini u-Enhle, uthe umkhumbula kakhulu ngenxa yobudlelwano ayesenabo naye. Yize bexhumana kodwa uthe abafonelani kodwa bathumelana imiyalezo ngama-e-mail ukuze kube nobufakazi bokuthi baxoxani.
“Sisuke sigwema nokuthi kuthiwe ubani uthe wathi engakushongo.”-Isolezwe

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/JRD3VTT" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds