Uncategorized

Izinja zihudula umlenze wosana

04 Apr, 2019 - 00:04 0 Views
Izinja zihudula umlenze wosana

uMthunywa

LUTHOLWE lunikizwa yizinja usana okusolwa ukuthi belulahlwe ngunina egangeni lasemaplazini aseWindy Hill, eWartburg eMgungundlovu kweleSouth Africa.

Umthombo uthe kulabesifazane abebeyotheza egangeni eliseduze ababone izinja zibangisana ngomlenze wosana, babikela umphakathi.

Kuthiwa indlela abebethuke ngayo batshiye inkuni lezo bayobika lendaba.

Kuthiwa kuqoqwe amantombazane endawo aphekwa ngemibuzo onke, kuthiwa awakhiphe iqiniso ngosana olulahliweyo.

Kuthe kusaphenywa kanjalo kwaqapheleka ukuthi ikhona intombazane engabonakaliyo, kwaqalwa kwayocingwa. Sengathi livelile igama lomuntu okusolwa ukuthi ubekhulelwe obengabonakali emhlanganweni. Inkukhu iqunywe umlomo ngesikhathi isibuzwa ngendaba yengane, okuvele kwacacisa ukuthi ngeyayo.

“Bamtholile unina wosana ecatshe esikhotheni. Kwavele kwacaca ukuthi kukhona akwaziyo njengoba ebalekile. Ukhuleliswe ngumuntu wasendaweni nje owaziwayo kodwa asaziwa-ke isizatho sokuthi aze alahle ingane,’’ kutsho umthombo.

Kuthiwa indaba okuphuzwa ngayo itiye endaweni. Umndeni kanina wosana ususesaba ngitsho ukuphuma phandle ngoba ungene ehlazweni ngaloludaba. Okhulumela amapholisa eKwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuthi amapholisa eWartburg abiziwe endaweni yesehlakalo  ngemva kokuba kubonwe izinja zihudula umlenze wosana egangeni.

“Isehlakalo lesi senzakale endaweni okuthiwa kuseMphelandaba,” kutsho uZwane.

Umthombo uthe kubonakale owesifazane osolwa ngokuba unina wosana elandwe ngabakosidlodlo kodwa kwangaqondakali noma ayombopha noma uyophoswa imibuzo. — Ubulembu

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/JRD3VTT" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds