Izinhlanganiso zabalandeli ziphikisana lokusetshenziswa ‘kwabopopayi’

18 Jun, 2020 - 00:06 0 Views
Izinhlanganiso zabalandeli ziphikisana lokusetshenziswa ‘kwabopopayi’

uMthunywa

IZINHLANGANO zabalandeli emaligini ahlukeneyo e-Europe, sezigxeke imizamo yokushukumisa imidlalo ngokusetshenziswa kwenhlwele yobuchwepheshe ezinkundleni njengoba kungavunyelwa abalandeli ngenxa yeCovid-19.

Abalandeli bathi lokhu kufanele kwenze uwonkewonke abone ukuthi yibo abaphilisa unobhutshuzwayo futhi kufanele amaligi lamaqembu bakwazise lokho.

“Silezikhalazo ngemizamo yezinhlangano ezisakaza imidlalo yokuvala isikhala sabalandeli,” kutsho isitatimende esithunyelwe yinhlanganiso yabalandeli yase-Europe, iFootball Supporters Europe. Lesi sitatimende kuthiwa sisayinwe yizinhlangano ezingu-26 zabalandeli.

“Lobu buchwephetshe obuqopha inhlokomo yabalandeli, lokunye okungamanga kufana lenhlamba kubalandeli abahambela imidlalo,” kusho isitatimende.

“Ukungabikhona kwabalandeli ngeke kuvalwe ngamakhompuyutha asetshenziselwa ukuchaza ababukeli bethelevishini,” kutsho isitatimende.

Ezinye izinkampani zokusakaza eGermany, ebalwa lamaligi abuyele kuqala ekumisweni kwe-coronavirus, zibanikile ababuka kwithivi ithuba lokuzikhethela ukuthi bayafuna yini lowo msindo wokwenziwa.

Kwamanye amazwe njengaseHungary, umsindo uxhunywe ebuchwephesheni basenkundleni uqobo.

Abalandeli baphinde bagcizelela ukuthi ngomuso bafuna ukuba yingxenye yalezi zinqumo.

“Akusekho ukubuyela kulokho ebesesikujwayele,” kusho isitatimende. “Utshintsho olusemthethwei yilo oludingekayo ukwenza umdlalo uqhubeke ngendlela ezokwamukeleka kusuka phansi kuya phezulu. Abalandeli bazohlezi bekulungele ukuba yingxenye yalezo zinguquko.”

Ngesonto eledlule lobu buchwepheshe bemisindo yokuzenzela bubonwe ngumhlaba wonke kubuya imidlalo yeSpanish La Liga.

Kuze kube lamaTV angobhazabhaza abekwe ezinkundleni lezenze ongazi abone sengathi kugcwele abalandeli enkundleni. —Ubulembu

Share This:

Sponsored Links