Uncategorized

Isihluku edlwengulwa wabe esetshiswa

07 Jul, 2022 - 00:07 0 Views
Isihluku edlwengulwa wabe esetshiswa

uMthunywa

KUBULAWE owesifazane ngokutshiswa emva kokudlwengulwa esigamekweni okuthiwa senzeke eBhambayi, eNanda.

Ngokutsho koMnyango Wokuthuthukiswa Komphakathi KwaZulu-Natal, uNkosazana Dumazihlebi Doris Sithole (53) uhambe labangane bakhe beyozithokozisa wangabe esabuya ekhaya eDube Village khona eNanda.

Kuthiwa isinqandamathe sakhe siluzwe ngomakhelwane lolu daba obese lusabalele ezinkundleni zokuxhumana emva kokubulawa kwaso.

UMnyango uthe loludaba lubikwe ehofisini yawo ngoLwesibili.

Lesi sigameko uMphathiswa walo Mnyango KwaZulu-Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza, usichaze njengesinyanyisayo wathi izakhamizi akufanele zilale zinethezeke zibe zazi ukuthi abesifazane endaweni yabo abaphephile.

“Lesi sigameko sisimangazile.

Kuyethusa ukuthi sihlala labantu abalolunya.

Baqala ngokuhlasela owesifazane omsulwa, emveni kokumbulala baze bathatha isithunzi sakhe ngitsho esetshonile,” etsho.

Lesi sigameko, uthe silolunya futhi kasejwayelekile wengeza ngokuthi izigilamkhuba ezihlasele uNkszn Sithole zifake obunye ubuhlungu emdenini wakhe zaphinde zawemuka ithuba lokungcwaba umzimba wakhe ungalimele.

UMphathiswa uthe kubalulekile ukuba umphakathi utshintshe ukwenza ngokuthi ubambe iqhaza elibonakalayo ekulweni lodlame lobulili ezindaweni zawo.

“Sidinga ukuba yimbumba ukuqeda lolu nya emiphakathini yethu.

Akufanele ngabe sibona izigameko zalolu hlobo ezindaweni zethu.

Siyazi ukuthi ukhona umuntu owazi izinswelaboya ezibulale uSithole futhi sifisa ukubanxusa ukuba bangathuli kodwa baba veze obala bonke labo abathintekayo,” kutsho uMphathiswa.

UMnyango usujube ithimba losonhlalakahle ukuba liyokweluleka ngokwengqondo umdeni labangani bakamufi.

Kwenzeka lokhu nje, ngoMsombuluko uMphathiswa uKhoza uhlanganyele lezakhamuzi zaseNtshanga eNkantolo kaMantshi eCamperdown lapho bekuvele ipholisa uMthokozisi Nene (44) elisolwa ngokudubula libulale inkosikazi yalo, uThobeka (41), ngesikhathi belengxabano emzini wabo eNtshanga emasontweni amabili edlule.

Lalapha uMphathiswa unxuse umphakathi ukuba ubumbane ukulwa lesihlava sokubulawa kwabesifazane esiqhubekayo KwaZulu-Natal.

– Ubulembu

Share This:

Sponsored Links