Uncategorized

Isidumbu sowesifazane esiqotshwe izijumbana

08 Apr, 2021 - 00:04 0 Views
Isidumbu sowesifazane esiqotshwe izijumbana Isijumbane esilezicubu okukholakala ukuthi ngezowesifazane otholakale ehlahlelwe eDabeka J

uMthunywa

UMOYA wePhasika udungekile emphakathini waKwaDabeka J, eThekwini ngesikhathi kutholakala isidumbu sowesifazane sihlukaniswe kabili, safakwa izijumbana kucwazi omnyama.

UNkosazana Nkosingiphile Msomi (26) kuthiwa ubelezinsukwana edukile engaziwa ukuthi ungaphi.

Ilunga lomdeni kamufi, uNkszn Sanelisiwe Mthiyane, lithe umphakathi ugasele esiteshini samapholisa ufuna ingcazelo ngophenyo.

“Thina sesifuna ubulungiswa manje kubanjwe umenzi wobubi avalelwe, athole isigwebo esinzima ukuze siduduzeke,” kutsho uNkszn Mthiyane.

Imithombo yasendaweni ithi umuntu obeya emsebenzini ekuseni uzithele phezu kwesidumbu sentokazi esencane sidalakacwe eduze komgwaqo, wakhuza wababaza wabiza abantu ukuthi bazombonisa umhlola.

Imithombo ithi owesifazane uyaziwa endaweni, ubebikiwe emapholiseni ukuthi ulahlekile.

Kuthiwa ukhona owesilisa oke wathathwa wayophoswa imibuzo, wabuye wadedelwa.

Isolezwe ngeSonto lilazo izithombe zezijuqu, okubonakala sengathi isidumbu sinqunywe ngasokhalo sehlukana isingenhla lesingezansi. Kuthiwa lokhu kutshaqise umphakathi futhi ufuna kuvele iqiniso lonke.

UMnumzana Ndumiso Sibiya olilunga leCommunity Policing Forum (CPF), uthe batshaqeke kakhulu futhi bacela amapholisa athole umsolwa ngokushesha bese eyajeza.

“Siyazigxeka kakhulu izigameko ezinje futhi umuntu owenze le nto akufanele ahlale emphakathini phakathi kwabantu. Kufanele asheshe atholwe ajeze,” kutsho uSibiya.

Uthe noma ngubani ongaba lolwazi akasize amapholisa ukuze kusheshe kutholakale isigilamkhuba. Abantu bendawo bebebuthene bezozibonela isidumbu esitholakele, bedangele betsho ukuthi bafuna iqiniso lonke livele obala ngalolu daba.

Ikhansela lasendaweni, uMnumzana Mzamo Billy lithe izenzo ezifuze lezi azifuneki nhlobo endaweni futhi okubaphatha kabi yikuthi sezithanda ukujwayela.

“Kuyacaca ukuthi izigameko ezinje ziyanda ngokushesha futhi kuyakhathaza. Yikho sinxusa amapholisa ukuthi asheshise uphenyo, athole umsolwa kulolu daba ukuze umdeni uthobeke amanxeba. Siyawududuza umdeni ukuba uthobeke amanxeba ngalesi sikhathi esibi kangaka,” kutsho uMnu Billy.

Okhulumela amapholisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele uthe sitholakele isidumbu sowesifazane silahliwe. “Amapholisa aKwaDabeka aphenya icala lokubulala emva kokuthi kutholakale isidumbu eSub 5. Kusolwa ukuthi umufi ubulawe wase eyolahlwa khona endaweni,” kutsho uColonel Mbele.

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/ZWTC6PG" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds