Imibuzo ngokuthula kweCaf ngeSuper League ehlongozwayo

15 Sep, 2022 - 00:09 0 Views
Imibuzo ngokuthula kweCaf ngeSuper League ehlongozwayo

uMthunywa

NGEMVA kwenyanga umongameli weConfederation of African Football (Caf), uPatrice Motsepe, ethule i-Africa Super League, abathandi bakanobhutshuzwayo e-Afrika, basadukuza oswini lwenkomo ngokunengi okuthinta le, iligi okuvele ukuthi iqala ngoNcwabakazi ka-2023.

Isikhathi ezodlalwa ngaso, izinyanga ezingu-10 kusuka ngo-Ncwabakazi kusiya kuNkwenkwezi, ngenye yezinto ezimbalwa ezisaziwa ngale ligi, inengi elivele litshaya amakhala ngayo.

Okunye okwaziwayo yikuthi izovulwa ngamaqembu angu-24 avela emazweni angu-16 ase-Africa, lokho awakaqinisekiswa amagama alawa maqembu futhi akukacaci ukuthi azoqokwa kanjani.

Iyaziwa lemali etshaliwe;

– Iqembu ngalinye kwazodlala lizoqiniswa iphakethe ngoR43 210 000.

Ama rand

– Iqembu elizodla isicoco lizomuka lezindodla ezibalelwa phakathi kukaR198 million le R200 million.

Ukuqhubeka kwesikhathi iCaf ingaphumeli obala ngemicikilitsho eminengi ethinta lo mqhudelwano, kubukeka kwandisa imibuzo lamahemuhemu azokhulisa umonakalo ngaphezu kokukhanya ngale ligi.

Ezingxoxweni ezihlukene lezikhulu labaqeqetshi, kuyavela ukungenami ngale ligi, ikakhulu ukungacaci kwendlela esetshenzisiwe lezosetshenziswa ukuqoka amaqembu azodlala kulo mqhudelwano wezigidi.

Kulemibuzo yokuthi kuzokwenzekani ngamaqembu aqeda ezindaweni eziphezulu emaligini amazwe ngamazwe? Ngabe azoqhubeka ngokudlala kuCaf Champions League ayishebe leSuper League noma izohlezi ingeyabakhethiweyo?

Okuqongisa imibuzo ngokuqokwa kwamaqembu yikuthi kuvele kulesibalo sangu-40 esamenywa nguMotsepe eMorocco, ngoZibandlela/Nhlolanja 2022, kudlalwa i-2021 Caf Africa Cup of Nations, ukuyodingida izinhlelo zokubunjwa kwale ligi.

Akwaziwa ukuthi aqokwa kanjani lawo maqembu angu-40 ezwezikazi elilamaligi angu-54 ehlukene, ngaphandle kokuthi kwasetshenziswa isithunzi esihambisana namagama awo.

Namanje iCaf ayiyiphenduli imibuzo ethunyelelwa yona ukucacisa ukuthi aqokwe kanjani amaqembu angu-24 kwazise eziputshukile zithi iNingizimu Afrika, izomelwa yiKaizer Chiefs, Orlando Pirates neMamelodi Sundowns?

Orlando Pirates

I-Egypt yiyo etshaya ngamaqembu amaningi, kubalwa i-Al Ahly, Zamalek, Pyramids ne-Ismaily SC.

Share This:

Sponsored Links