uMthunywa

Ilungelo lowesifazane ngesibongo sakhe

OWESIFAZANE ulelungelo lokuzikhethela isibongo afuna ukusisebenzisa emuva komshado kodwa kuyenzeka oshadisayo azenzele ngendlela yakhe.

Lokhu kushiwo nguDkt Mduduzi Mdletshe ongumshadisi ogunyaziwe, ophinde abe ngumfundisi webandla iBethel Worship Centre International eMlaza.

Ubecacisa indaba yokushintsha kwesibongo kowesifazane emuva komshado, emuva kokuvezwa kohlelo lwethelevishini kwiMzansi Magic olubizwa ngokuthi ‘KwaMakhize’ ngesonto eledlule.

Kulolu hlelo uShauwn Mkhize obeshade noMnuz Sbu Mpisane, uveze ukuthi usebuyele esibongweni sakubo. Uthe akazi kwasekuqaleni ukuthi wayeshintshwe kanjani isibongo abize uMpisane ngoba akakhumbuli esayina.

UMdletshe uthe ngokomthetho wokushadisa nangokugunyazwa wuMnyango wezaseKhaya, oshadisayo ugcwalisa ibhuku elibizwa ngeMarriage Register.

“Kunamafomu anesigaba esidinga imininingwane yowesifazane oshadayo. Kunesikhala sokubhala ukuthi ufuna ukusishintsha yini isibongo emuva komshado noma uzoqhubeka asebenzise esakhe.

“Kulesi sigatshana kukhona ngisho igunya lokuthi owesifazane asebenzise izibongo ezimbili, emuva komshado.

Lokhu kumele kucaciswe ngoshadisayo ngaphambi kokuthi ahambise amafomu emnyangweni,” echaza.

Uvumile ukuthi ngenxa yobudedengu kwabanye abashadisayo, kuyenzeka bazigcwalisele ngokuthanda kwabo bengabuzanga kwabashadayo.

“Lokhu kwenzeka kakhulu kubefundisi abamnyama abashadisayo. Omunye usebenzisa isiko lokuthi vele owesifazane uma eshada kumele alandele isibongo somyeni wakhe.

“Kuyenzeka futhi amafomu agcwaliswe wumfundisi ongagunyaziwe ukushadisa bese ecela ogunyaziwe amhambisele amafomu. Iphutha lenzeka uma lona ohambisa amaphepha engaqiniseki ukuthi yonke imininingwane ibhalwe ngendlela efanele,” kusho uMdletshe.

Ugcizelele ukuthi abashadisayo kumele babachazele abashadayo ngendaba yesibongo ukugwema amaphutha afana naleli elishiwo nguShauwn. Uthe nowesifazane oshadayo unegunya lokubuza ngendaba yesibongo, azikhethele asifunayo ngokuvumelana nomyeni.

UNksz Nolwazi Malimela ongummeli enkampanini iNN Malimela & Associates, uthe uma owesifazane esedivosa kuyashintsha naseMnyangweni wezaseKhaya kubhalwe kanjalo.

Nokho uthe akakwazi ukushintsha isibongo engakadivosi ngokuphelele.

Uveze ukuthi uma usudivosile uyakwazi ukuziyela emahhovisi omnyango nobufakazi bese ubhalisa umazisi omusha uma ufuna ukubuyela esibongweni sakho.

Ngokwemininingwane ebhalwe kwi-website yoMnyango wezaseKhaya, kuvela ukuthi ukusebenzisa izibongo ezimbili emuva komshado kwagunyazwa ngo-1997.