ICovid-19 yesulise i-Afcon ka-Under 17

11 Mar, 2021 - 00:03 0 Views
ICovid-19 yesulise i-Afcon ka-Under 17

uMthunywa

UKUTHOLAKALA kwabadlali belobhubhane lweCovid-19 kuholele ekumisweni komqhudelwano i-U/17 Africa Cup of Nations (Afcon) obekulindeleke ukuthi uqale ngoMgqibelo eMorocco.

Lokhu kuvezwe yisikhulu esiphezulu seSouth African Football Association (Safa), uTebogo Motlanthe izolo. Iqembu leSouth Africa, Amajimbos, beliqhathwe kuGroup C leMali, Senegal leCameroon. Belizovula leMali ngoMvulo.

Lokho inhlangano eyengamele ibhola e-Afrika iConfederation of African Football (Caf) inqume ukuwumisa lo mqhudelwano ngenxa yokutholakala kwabadlali beleCovid-19 emazweni abekade esefikile eMorocco.

“Sithwale kanzima ukuthola ama-visa ngenxa yezibalo zeCovid-19 eMorocco. NgoMvulo besilokhu sixhumana leCaf. Ngikhulume lonobhala jikelele weCaf ongitshele ukuthi bazaba lomhlangano ophuthumayo lekhomithi ngo-9 ebusuku.

Umongameli wethu, ohlalayo kulo mhlangano, ungitshele ukuthi umqhudelwano ubhuntshile ngenxa yamaqembu asevele ephambili okutholakale abane-Covid-19 kuwo.

Ukuwuhlehlisa bekuzoholela ekutheni abanye abadlali baphikwe yiminyaka ngesikhathi ozodlalwa ngaso. Kubhekwe lokuthi iFifa iwuhoxisile oweNdebe yoMhlaba ka-U/17.

Ngakho isixazululo ebesikhona yikuthi wesulwe umqhudelwano,” kutsho uMotlanthe.

Amajimbos abezomela isiyingi iCosafa kulandela ukuwina iCosafa Cup ekupheleni kwenyaka odlule eholwa ngumqeqetshi uVela Khumalo.-Ubulembu

Share This:

Sponsored Links