IBlaq Diamond ayizimiselanga ukukhuluma ngeyesikwelede sotshwala

22 Sep, 2022 - 00:09 0 Views
IBlaq Diamond ayizimiselanga ukukhuluma ngeyesikwelede sotshwala Blaq Diamond

uMthunywa

AMALUNGA eBlaq Diamond awayingeni eyokuphawula ngezinsolo zokuthi akweleda imali yotshwala okuthiwa abezitika ngabo ngoMvulo ePavillion Lounge eseMaboneng, eGauteng.

Udaba lusatshalaliswe yi-blogger esizidalele amazinyo abushelezi kosaziwayo bakuleli, uMusa Khawula ohlezi ededela izindaba ezitshaqisayo ezinkundleni zokuxhumana. Ekhasini lakhe ufake isiliphu esikhombisa ukuthi uNdumiso Mdletshe loSbusiso Dunywa beBlaq Diamond, bathenge utshwala obaziwa ngokuthi buseqophelweni eliphezulu, ikakhulukazi ezindaweni zobumnandi.

Esiliphini kuvela ukuthi abaculi bengoma yodumo ethi Ibhanoyi, bathenge utshwala obubiza uR8 760. 

Ethintwa uSbu wethimba lezokuxhumana, utshele intatheli ukuthi umatasa akakwazi ukukhuluma ocingweni.

“Njengoba ngiphendula ucingo bengizitshela ukuthi ngithintwa ngumuntu ebengilindele ukuthi angifonele. Ngakho angikwazi ukukhuluma lawe ngalolu daba futhi ngimatasa.njengoba sishutha ividiyo,” ephendula ngamafitshane.

Imizamo yokuthola uNdu kayiphumelelanga njengoba etshele uzakwabo ophendule ucingo, ukuthi akathathe umyalezo entathelini.

Kuthe uma ezwa ukuthi udaba lumayelana lesikwelede okuthiwa abasikhokhanga, wala waphetha ukuphawula.

Abalandeli bakaMusa babelemibono ehlukene ngesenzo seBlaq Diamond. Abanye bebekhombisa ukuzwelana labo ngoba bebeyingxenye yabaculi abakholwa ukuthi bebexhashazwa yi-Ambitiouz Entertainment. Kweminye imibono abalandeli bebegxeka isenzo salezi zinsizwa, bebuza ukuthi kungani zingakhokhanga.

Abanye bakhwele badilika ku-Ambitiouz Entertainment ekhombise ukusizakala ngokwehlele iBlaq Diamond, engasekho ngaphansi kwenkampani yabo.-Ubulemb

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/JRD3VTT" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds