I-Chiefs itshaya indesheni ngesigwebo sokuvalwa ukusayinisa

18 Jun, 2020 - 00:06 0 Views
I-Chiefs itshaya indesheni ngesigwebo sokuvalwa  ukusayinisa uTebogo Motlanthe

uMthunywa

SIZOZE sihlalelwe ngoMpandula isikhalo seKaizer Chiefs sokuthi kubuyekezwe isigwebo sayo sokuvalwa ukusayinisa abadlali kodwa kuvela ukuthi leli qembu selibhalele iFifa likhala ngokuthi ngabe sesilalelwe isikhalazo sayo aluba bekungela coronavirus.

IChiefs ibhekane lalesi sigwebo ngoNhlolanja ngesikhathi ilahlwa licala isolwa ngokusayinisa ngendlela engafanele u-Andriamirado “Dax” Andrianarimanana aseMadagascar.

Badlulisele icala kuCourt of Arbitration (CAS).

Ngenxa yeCovid-19, icala labo ligcine lihlehla kodwa inhloko yezomthetho kuSafa, uTebogo Motlanthe, ophinde abambe njengesikhulu esiphezulu kule nhlanganiso, uthi iqembu seliphinde labhalela iFifa licela ukuba livunyelwe lisayinise abadlali uma isiqediwe indaba yabo.

IChiefs ikhala ngokuthi ngabe sekuqediwe ukube ibingekho iCovid kodwa uMotlanthe uthi kulele kuFifa ukuthi ilusingatha kanjani lolu daba.

“Sebebhalele iFifa becela ukuba ibakhulule (icacise ngalolu daba).

“Bakhala ngokuthi sebebanjezelwe yiCovid-19 ngoba ngokujwayelekile iCAS isheshe icacise ngalezi zinto.

“Bafuna iFifa ibavulele intutshana,” kutsho uMotlanthe.

Akubuzwa ukuthi abeChiefs batshaya indesheni nje bayabona ukuthi bazosala bencela izithupha ngokusayinisa abadlali.

Kuyimanje kufanele basonge izindla babuke izimbangi zabo zizitika ngabadlali beBidvest Wits kanti bona sebephumele obala ngokufuna uSifiso Hlanti.

Inkinga yeChief wukuthi ne-Orlando Pirates sekuvelile ukuthi iyasifuna lesi sitobha seBafana Bafana.

I-Independent Media iyakuthola ukuthi iChiefs izimisele ukuxoxisana loHlanti yize ivalwe amawindi amabili wonke ukusayinisa abadlali.

IChiefs isivele iyaxoxa leWits. NeMamelodi Sundowns imgaqele lo mdlali. IWits kuvela ukuthi isidayise ubulungu bayo bePSL kwiTshakhuma Tsha Madzivhandila yaseLimpopo.

UHlanti ubalwa labadlali beWits abaphezulu, uThulani Hlatshwayo, Deon Hotto labanye abakhonjwa emaqenjini amakhulu.

UMotlanthe kodwa uthi iChiefs izobe yephula umthetho uma isayiisa abadlali.

“Kuphambene lokho (ukusayinisa abadlali), kodwa bangaxoxa nomdlali bamtshele ukuthi ‘sifuna ukukusayinisa uma sesiqedile ngalento yeFifa’. Lokho kungasebenza,”kusho uMotlanthe.

“Abakwazi ukusayinisa umdlali bangambhalisi kuze kube bayakhululwa ukusayinisa abadlali,” Motlanthe.

Share This:

Sponsored Links