Bazajabula ngeSarafina egubha iminyaka engu 30

09 Jun, 2022 - 00:06 0 Views
Bazajabula ngeSarafina egubha iminyaka engu 30

uMthunywa

IFILIMU yodumo iSarafina izagubha ukuqeda iminyaka engu-30 yakhitshwa ngochungechunge lwemibukiso. Isiteshi sethelevishini, i-e.tv, ngokubambisana labeVideoVision Entertainment neNu Metro bazokhombisa ngale filimu emabhayisikobho aseGoli, eThekwini naseCape Town ngoJuni 15.

Akuzogcina lapho kodwa ngoJuni 16 ngo-3.05 ntambama nango-8 ebusuku kuzokhonjiswa yona ifilimu ebophele uMbongeni Ngema, Leleti Khumalo, Whoopi Goldberg, Miriam Makeba, Somizi Mhlongo, John Kani, Baby Cele, Khanyo Maphumulo, Dumisani Dlamini nabanye.

Leleti Khumalo

Ifilimu izobuye ikhonjiswe kwi-e.tv ngoJuni 17 ngo-4.30 ntambama nangomhla ka-18 ngo-1.20 emini.

Umdidiyeli wayo, u-Anant Singh, uthe kwaba wumuzwa omnandi ngempela ngesikhathi ehamba kukhaphethi obomvu kwiPalais des Festivals ekuqaleni kwesonto lapho ehlangane khona nezikhulu zalo mkhosi ezingakholwa wukuthi sekuphele iminyaka ewu-30 iSarafinayakhonjiswa okokuqala kwiCannes Film Festival (eFrance).

‘’Bonke babeyingxenye yobusuku obuyingqophamlando lapho ifilimu yathulelwa isigqoko ngokusukunyelwa imizuzu ewu-20, kunezingwazi uLeleti Khumalo, Miriam Makeba, Whoopi Goldberg, Mbongeni Ngema nomqondisi uDarrell Roodt,” kucashunwa uSingh omele iNingizimu Afrika kwiCannes.

Miriam Makeba

Uthe uhambo lwakhe neSarafina lwaqala eminyakeni ewu-35 eyedlule ngesikhathi ebona iSarafina isewumdlalo weshashalazi eMarket Theatre eGoli.

“Ngathatheka, ngezwa ukuthi kufanele ngenze ifilimu ngalo mdlalo oyisimanga.

Ngakwazi ukuthola amalungelo okwenza le filimu kuMbongeni Ngema.

Okunye sekuwumlando.

Okusemqoka kimi wukuthi iSarafina igxile esigamekweni sokuchitheka kwegazi sangoJuni 16, 1976, esaguqula umlando waseNingizimu Afrika.”

Nelson Mandela

Uthe iSarafina yadidiyelwa emuva kokuphuma kukaNelson Mandela ejele.

“Saba nenhlanhla yokwesekwa nguye ngesikhathi sididiyela ifilimu futhi waba yisicukuthwane ngosuku lokukhonjiswa kwayo okokuqala.

Namhlanje, emuva kweminyaka ewu-30, sijabule ukwabelana ngefilimu yethu, eqhakambisa iqhaza lamaqhawe ango-1976 acaba indlela ebheke entandweni yabantu, nababukeli be-e.tv,” kuphetha uSingh.

I-e.tv izokwenza umqhudelwano lapho ababukeli bakuleli bezozihlomulela khona izimemo zokuyobuka nokuhamba kukhaphethi obomvu.

Ngokwesitatimende esithunyelwe kwabezindaba, ababukeli kuzodingeka babuke amafilimu anjenge-Atlantis ngoMeyi 28 ngo-8 ebusuku, iTransporter ekhonjiswa kusasa ngo-9 ebusuku neMillenium Menace ezokhonjiswa ngoJuni 11 ngo-8 ebusuku ngoba yilapho bezothola khona imibuzo okuzodingeka bayiphendule ukuze baziwe amathikithi ahamba ngamabili okubuka ifilimu ebhayisikobho.-Ubulembu

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/ZWTC6PG" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds