Uncategorized

Bakhala ngotisha ofundisa ehlomile

28 Feb, 2019 - 00:02 0 Views
Bakhala ngotisha ofundisa ehlomile

uMthunywa

KUKHALWA ngotitsha weNcwadi Primary okuthiwa ufundisa egaxe isibhamu enqulwini. 

Lokhu kuvezwe ngomunye wabazali okhathazekileyo olengane efunda kulesi sikolo.

Ngokutsho kwalo mzali, lutitsha ufundisa ephethe isibhamu okwenza izingane zizithole zingasakwazi ukufunda kahle.

Umzali uqhube wathi ngitsho labo bengabazali bayamesaba ngoba ngitsho emihlanganweni yesikolo ufika esigaxile.

Uthe utitshanhloko udedela yena akhulume labazali, okwenza basabe ngitsho etsho into abangahambisani layo ngoba besaba ukwenzakaliswa.

Uveze ukuthi abasazi ukuthi bazobikela bani ngoba lothitshanhloko uyamesaba lo thitsha.

Kuthiwa ngokwesatshwa kwakhe usephendule uthitshanhloko isithusanyoni.

Uthe nxa kufuneka imali kubazali kuthunywa lutitsha wesibhamu ukuthi kube wuyena okhulumayo ngoba esatshwa. 

Umzali uthe ngesikhathi kufuneka o-R60, kwakhulunyiswa yena lo titsha, utitshanhloko ezithulele.

Uqhube wathi ngisho befuna ukuphefumula kodwa bafela ngaphakathi ngoba besaba isibhamu.

Imali eyayifunwa uthe kwathiwa eyokuvolontiya.

“Izingane zethu uma zingayikhokhanga leyo mali ziphindiswa amakilasi ngonyaka olandelayo,” kuchaza umzali ongathandanga ukudalulwa.

Uthe ziphinde zimenyezwe emthandazweni ngutitshanhloko, zihlekwe ukuthi azikhokhile.

Kuthiwa “utitsha wesibhamu” utshela abazali ukuthi imali abayikhokhayo ngeyokuthenga oshoki. Enye kuthiwa ngeyokulungisa imishini egaya amaphepha.

Uthisha osolwa ngokuphatha isibhamu, umataniswa nelinye iqembu lezepolitiki kule ndawo. 

Uthishanhlolo wakulesi sikole ozibize ngoHlela, uthe: “Njengoba negama lisho ukuthi eyokuvolontiya, akuphoqwa muntu,” kusho uHlela.

Exinwa ngombuzo ngokuphatha isibhamu kakukatitsha, ugcine esethi yena akavunyelwe ukuphawula, akuxhunyanwe loMnyango wezeMfundo.

UNkosikazi Cabangani Sokhela oyiphini likasihlalo omele isigungu esilawula isikolo, uthe ufike le mali ikhokhwa, wazitshela ukuthi abazali abanankinga nayo.

“Satshelwa ukuthi isetshenziselwa ukulungisa ama-alamu asuke ephazanyiswe ukuduma kwezulu nokuthenga izinto zokuhlanza isikole,” kutsho uNkk Sokhela.

Akafunanga ukuphawula ngotitsha okuthiwa uphatha isibhamu. 

Umgcinimafa wesikole uNkosikazi Nonsikelelo Nzimande uthe: “Le mali ikhokhiswa abazali njalo ngenyanga. Nengane yami ihlukumezekile ngoba ayikhokhile kwahlekiswa ngayo.” Ngokwakhe, babetshelwe ukuthi eyokukhokhela unogada kodwa akasekho.

Uthi kunemali efakwa wuMnyango wezeMfundo nyanga zonke esukela kuR70 000 kuya kuR90 000 ukubheka izidingo zesikole. Ngokwakhe, wothishanhloko abasayinela ukusetshenziswa kwemali.

“Mina ngiyatshelwa nje ukuthi angizosayina. Ngigcina ngokuyibona iphuma nje. Kuyimanje kusele uR4 000,” kugcizelela uNkkz Nzimande.

UMnumzana Kwazi Mthethwa okhulumela uMnyango wezeMfundo, KwaZulu-Natal uziqhathululile kulolu daba.

Uthe wudaba oludinga umphakathi ngoba ungqongqoshe ngeke abheke izinselelo ezenzeka ezikoleni ezingu-6 000 zaKwaZulu-Natal.

“Akulungile ukuphoqa abazali ukuthi bakhokhe imali. Ukuvolontiya kwani? Asinabo thina othisha abavolontiyayo. 

“Abazali ababike kubahloli ukuze singenelele,” kutsho uMthethwa.

Ngezinsolo zikathisha ophatha isibhamu, uthe abazali kumele babike emaphoyiseni noma ezinduneni. — Ubulembu

Share This:

Sponsored Links