Abadlali ababili beKaizer Chiefs bahaqwe yiCovid-19

25 Jun, 2020 - 00:06 0 Views
Abadlali ababili beKaizer Chiefs bahaqwe yiCovid-19 Abadlali ababili beKaizer Chiefs kuvele ukuthi baleCovid-19, iqembu lithe ngeke libadalule amagama abo

uMthunywa

ABADLALI ababili beKaizer Chiefs, kutholakale ukuthi sebehaqwe yi-coronavirus ngemva kokuthi leli qembu liqale ukuhlola abadlali balo leli gcikwane.

Lokhu kuvezwe yileli qembu ku-website yalo ngoLwesibili ntambama.

NgoLwesihlanu leli qembu liqale ukuhlola abadlali balo njengengxenye yokulungiselela ukuqala ukuzilolonga njengoba sekuvumelekile kulesi sigaba sokuvalwa kwezwe.

Kuhlolwe abantu abangu-70 okuhlanganisa abadlali labenza eminye imisebenzi kuleli qembu. Laba badlali ababili abangeke badalulwe, kuvele lapho ukuthi sebehaqwe yileli gcikwane.

Esitatimendeni esikhitshwe yileli qembu, siveze ukuthi bonke abantu abake basondelana lalaba badlali bazohlolwa.

Abadlali abahaqekile bazogonqa izinsuku ezingu-14, bese bephinde behlolwa futhi. Nxa sebengelalo leli gcikwane bayobe sebevunyelwa ukuthi bahlangane labanye abadlali.

Kuvela laba badlali nje ezinsukwini ezedlule iBloemfontein Celtic imemezele ukuthi umdlali wayo wasesiswini uGiven Mashikinya laye usehaqwe yileli gcikwane.

LakuStellenbosch FC kube khona umdlalo ohaqekayo. Phambilini leOrland Pirates yamemezela ukuthi umdlali wayo uBen Motshwari waba owokuqala emaqenjini ePSL ukumenyezelwa ukuthi uhaqwe yileli gcikwane. Kodwa usesindile njengoba esebuye wahlolwa langatholakala leli gcikwane. — Ubulembu

Share This:

Sponsored Links