Nkosilathi Sibanda
UMDLALI weHighlanders uLynoth Chukuhwa uzafuna ukuthi aqhubeke elola inyawo zakhe ehlose ukuthi akhokhele kuze kuyevalwa kumkhankaso weligi yeCastle Lager.
Ufuna ukuthi abeyingqwele kubadlali abahamba phambili ngokuhlohla kuligi yeCastle Lager. UChikuhwa uyakhokhela ngamabhola ayisikhombisa kumidlalo elitshumi lane.
Njengoba seliphelile ikhefu kuligi yeCastle Lager, imidlalo ikhona kulimpelaviki lapho iqembu likaChikuhwa elinxuse iBikita Minerals eBarbourfields ngeSonto.
Akwaziwa ukuthi uhlose amabhola amangaki uChikuhwa kodwa wakubeka emphakathini nyakenye ukuthi udlalela ukuhlohla amabhola amanengi. Nxa kuvuma, engawafikisa angamatshumi amabili, ikakhulu engasebenzela ukuhlola kumidlalo yonke.
Kumncintiswano wokuhlohla, akusimncintiswano omncane ngoba olandela uChikuhwa uNever Rauzhi oweBulawayo Chiefs loJuan Mutudza sebehlohle ayisithupha munye ngamunye. Asebeligaxe entanjeni kahlanu ngu-Evans Katema (Bikita Minerals), William Manondo (CAPS Unites), Brighton Ncube (Highlanders), Michael Tapera (Manica Diamonds), loWalter Musona (Simba Bhora).
Kuyazikhanyela ngenombolo eziphezulu ukuthi kusazofiwa kulumbango wesicoco se-golden boot ngoba minengi imidlalo ekhona kulumkhankaso.
Kweminye imidlalo yengempelaviki, iqembu elikhokhela ingalane yeCastle Lager, iManica Diamonds isemangweni kuYadah Stars ngoMgqibelo. IFC Platinum izafuna ukuqinela iBulawayo Chiefs eLuveve ngelanga elifanayo.
Kumaqembu asadalala emsileni welogu, abafana be-Arenel banxuswe yiSimba Bhora enkundleni yeWadzanai. Izimbamgodi zamalahle, iHwange, isekhaya leGreenfuel.
Imidlalo yeviki letshumi lane kuCastle Lager PSL:
NgoMgqibelo: Yadah Stars vs Manica Diamonds (Heart Stadium), Bulawayo Chiefs vs FC Platinum (Luveve Stadium), Simba Bhora vs Arenel Movers (Wadzanai Stadium), Ngezi Platinum vs Chicken Inn (Baobab Stadium).
NgeSonto: Hwange vs Greenfuel (Colliery Stadium), Highlanders vs Bikita Minerals (Barboufields Stadium), Dynamos vs ZPC Kariba (Rufaro Stadium), TelOne vs CAPS United (Bata Stadium), Chegutu Pirates vs Herentals (Baobab Stadium)