Uncategorized

Uzibulele esola umkakhe ngokumjolela

12 Nov, 2015 - 17:11 0 Views
Uzibulele esola umkakhe ngokumjolela

uMthunywa

SIZINGQOKLOZE ngenhlamvu sashona emzini waso e-Adams isikhulu sakwaToyota okuthiwa sishiye iheheba lencwadi sikhala ngokungaziphathi kahle kwenkosikazi yaso.

UMnu Sandile Sithole (49) kuthiwa uzingqokloze ngenhlamvu ngoLwesibili ngezithuba zasekuseni ngesikhathi kusalindwe umndeni wakhe obusapaka imoto emnyango kuzokhulunywa ngazo izinkinga zakhe nenkosikazi.

Uze azibulale nje uke wazama ukuzikhunga ngoMsombuluko wavinjwa yingane yakhe engene ekamelweni lapho ebefuna ukuzihilela khona, yamemeza omakhelwane.

USithole oyindodana yomfundisi wakwaMakhutha kuthiwa uzidubule kanye ngaphansi kwesilevu washona.

Kuthiwa uSithole ubekhala ngokungaziphathi kahle kwenkosikazi yakhe abethi ibimjolela udede.

Kule ncwadi kuthiwa ubale ngisho amagama ababili besilisa abethi inkosikazi yakhe ijola nabo.

USithole kuthiwa ukhale nangokuthi inkosikazi yakhe enguthisha yenza konke lokhu nje ifundiswe nguye.

Uveze ukuthi uze akhethe ukuzibulala nje ngoba ubekade ewubikela umndeni ngalezi zigemegeme zenkosikazi yakhe kodwa encengwa kuthiwa akabekezele, enzele izingane.

Kuthiwa bekuhlale kuba nemihlangano kuzokhulunywa ngodaba lokungaziphathi kahle kwenkosikazi kaSithole kodwa kube nhlanga zimuka nomoya.

USithole kuthiwa ubuye wakhala nangomkhwekazi wakhe athe uvuna indodakazi yakhe.

Lesi sigameko sishiye omakhelwane beshaqekile njengoba laba besanda kufika kulo muzi oyisitezi okuthiwa awukakapheli ukwakhiwa.

“Simangele ngoba bayazifikela, besibabona bewumndeni ohleli kahle singasoli lutho olubi. NgoMsombuluko sazama ukumncenga ukuthi angazibulali ngemuva kokubizwa yingane yakhe emthole ezama ukuzikhunga ekamelweni.

Bekucaca ukuthi isinqumo usesenzile ngoba wayengezwa mshini, ekhala mi izinyembezi. Sagcina sikwazile ukumthoba umoya sacela alinde umndeni wakhe ukuze akhulume nawo,” kusho umakhelwane.

Lo makhelwane uthe uSithole akalindanga nokukhuluma nomndeni wakhe ngoba uqoke ukuzidubula ngenkathi ebona imoto yabo ima egcekeni.

“Akeve ewuzwisile ubuhlungu umndeni wakhe ngalesi senzo sakhe ngoba bafike kuye esethule. Bonke bavele baphelelwa amandla ngoba bebethemba ukuthi bazokwazi ukumsiza. Inkosikazi yakhe ifike emuva kwamahora amathathu umyeni wayo ezibulele. Ithe kuyayixaka okwenziwe wumyeni wayo ngoba nguye owaqala ukumhlupha ngabantu besifazane. Kubukeka engathi uSithole uhlulekile ukumela isimo ngesikhathi eseshaywa ngezinduku zakhe,” kusho umakhelwane.

Uthe umkhwekazi kaSithole ufike wakhombisa ukunengwa yilesi senzo. Uyise kaSithole akatholakalanga ucingo belukhala lungabanjwa lwagcina seluvaliwe.

Owamaphoyisa KwaZulu-Natal, uMajor Thulani Zwane, uthe baphenya ngokuzibulala kwendoda okusolakala ukuthi izidubulile. — Ubulembu

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/ZWTC6PG" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds