Uncategorized

Ufuna ukunqunywa oxakwe ngumphambili

31 Jan, 2019 - 00:01 0 Views
Ufuna ukunqunywa oxakwe ngumphambili

uMthunywa

UFUNA ukushumpulwa umphambili owesilisa othe usumxake kakhulu ngendlala yocansi. 

Umphambili wakhe uthe waqala ukuba lenkinga ngemva kokuhlinzwa kwesinye isibhedlela eDukuza kulandela ukuba lensumpa.

Owesilisa lona weNkobongo eDukuza (47), esingeke salidalula igama lakhe ukuvikela izingane zakhe ezine, uthe usexoxile lonina wezingane zakhe lomndeni wakubo ukuthi kungcono ashumpulwe umphambili kulokuthi azibulale ngoba vele uselahle ithemba lokuthi uzaphinda akwazi ukuya emacansini.

Ngokwakhe, sekuphele iminyaka emithathu engasaluthi mbibi ucansi ngenxa yale lishwa elamvelela.

“Le nkinga yaqala ngokuthi ngivelwe yinsumpa kuwona umphambili,” kutsho owesilisa lona.

Uthe waya esibhedlela KwaDukuza ngoba ethi ufuna ukuvikela le nkinga ngoba wayebona ukuthi izomphazamisa ngokuhamba kwesikhathi uma eya ocansini.

“Esibhedlela bafike bawusika umphambili wami. Kwathi lapho okunensumpa khona, bayibopha ngokotini kwathiwa angihambe ngiyolulamela ekhaya,” kutsho yena.

Ngokuhamba kwesikhathi, uthe ukotini waqaqeka emva kokuthi lapho asikwa khona kumphambili wakhe, kwasekulesilonda esasesibhibha ngokulamandla.

Ngokubona ukuthi ayingangabo, uthe isibhedlela saKwaDukuza samdlulisela eKing Edward Hospital eThekwini.

“Lakho ngilokhu ngiyaya ngifike nginikezwe amaphilisi ezinhlungu nje kuphela, kujike kufane,” kuzikhalela yena.

Inkinga enkulu, uthe umphambili wakhe usuhlale ugxiza igazi, usehlale egqoka izinto ezinkulu kunaye uma ezohamba ngoba enzela ukuthi angathunukali.

“Uma ngisekhaya angiligqoki ibhulukwe ngoba ngiyathunakala,” egcizelela.

Uthe usexolile emphefumulweni wakhe ngokungasebenzi komphambili wakhe, osekubalulekile ukuthi akhulise izingane.

Osehhovisi lezokuxhumana eMyangweni wezeMpilo kulesi sifundazwe, uMnumzana Sibongiseni Mkhize, uthe bazokwazi ukuphawula ngokuphelele uma sebenze olwabo uphenyo ukuthi kwenzekani ngempela.

Ucele ukuthunyelelwa imininingwane yalona wesilisa ukuze bakwazi ukwenza uphenyo.

Share This:

Sponsored Links