Uncategorized

Kusolwa otshise umzukulu ngamanzi ngoba eseqomile

23 Aug, 2018 - 00:08 0 Views
Kusolwa otshise umzukulu ngamanzi ngoba eseqomile Otshiswe ngugogo eseqomile

uMthunywa

BABABAZA isihluku sowesifazane weKlaarwater eMariannhill eSouth Africa osolwa ngokutshisa umzukulu wakhe oleminyaka engu-18 ngamaketela (kettle) amathathu agcwele amanzi abilayo ngoba emsola ngokuthi useqomile.

Sibi isimo kuNontando Mbeje (18) osekuphele isonto elaliswe esibhedlela iRK Khan, eChatsworth.

Kuthiwa ngeviki edluleyo utshiswe kabuhlungu ngugogo wakhe uNkosikazi Greta Zuma (76) obethi ufuna ukumqhumisa amehlo lawa abuka ngawo amadoda.

UNontando kuthiwa ubuye evela esikolo ugogo esevele esembilisele amanzi ngemva kokuthi etshelwe ngamanye amakhosikazi abe elawo emtholampilo ukuthi uNontando bambone epepenyeka lesoka elidala kulaye, ngesikhathi sesikolo.

Ngokutsho kukamakhelwane, ocele ukungaqanjwa ngebizo, uNontando ubuye evela esiko ngemva kwehola lesine ntambama ngoba edlule e-library ukulungiselela umsebenzi wesikolo obufuneka.

“UNontando uthi wafika ugogo wakhe ethukuthele emsola ngokuthi uphuma endodeni.

Uthi wazama ukumchazela ukuthi uphuma e-library kodwa akafunanga ukuzwa. Wathi kukhona amakhosikazi amtshelile imikhuba yakhe ngesikhathi esemtholampilo,” kusho umakhelwane.

Uthe uNkk Zuma wabe esembhonya ngenduku yomshanelo, wabaleka uNontando wayocasha phansi kombhede ekamelweni lakhe.

“Ingane ithi ugogo wayilandela esephethe iketela elinamanzi abilayo. Waphakamisa umbhede wayibhunyela ngamanzi. Uthi esathukile ugogo wabuya nelinye iketela. Elesithathu iketelo wayesephumile ngaphansi kombhede.

Ingane ithi ugogo eseqedile ukuyishisa wathi abasule amanzi phansi bese iyolala. Ingane yamlinda ukuthi azumeke yakhipha okhiye ayebafake ephakatheni yaphuma yabaleka,” kusho umakhelwane.

Uqhube wathi ngemuva kokuthi uNontando ecele usizo komakhelwale, bambiza uNkk Zuma bamphoqa ukuthi afune imoto ezophuthumisa uNontando esibhedlela.

Uthe ngesikhathi bembuza ukuthi umshiseleni umzukulu wakhe, uthe ugcine ngokumshaya, kungenzeka ukuthi ushe lapho abalekele khona.

Unina kaNontando uNksz Nonhlanhla Mbeje (37) uthe usashaqekile, usalindele ithuba lokukhuluma nonina umlomo nomlomo.

“Angazi kwenzekeni ngoba angihlali nabo. Uma kuliqiniso kuyaxaka ngoma yimina ngedwa kumama kanti uNontando uyena yedwa umzukulu wakhe. Ngilinde ukuthi alulame esibhedlela bese eyangichazela ukuthi kwenzekeni. Ushe umzimba wonke, ingalo yangakwesokudla ayisebenzi. Ayingoba ngimphikela kodwa ungumntwana oya esikoleni abuye eze ekhaya. Nakhona usengaze alimale kangaka ngenxa yezinsolo?” kusho uNksz Mbeje.

Uthe alikho icala elivuliwe kodwa osonhlalakahle basesibhedlela bamthintile bacela ukuthi ababone.

Ethintwa uNkk Zuma ubuze ukuthi akashonanga ngani pho uNontando uma ambhunyela ngamaketela amathathu.

“Akusilo iqiniso leli abalikhulumayo. UNontando ubengasayi esikoleni, okuyinto engayizwa ngabantu. Okuningi angikwazi ngisuke ngisemsebenzini. Uyazi ngendlela engigula ngayo angikwazi ukukhuluma,” kusho uNkk Zuma ngaphambi kokuvala ucingo.

Share This:

Sponsored Links