Kulindelwe izigidi zemali ngeDurban July

28 Jun, 2018 - 00:06 0 Views
Kulindelwe  izigidi zemali ngeDurban July

uMthunywa

UZANGENISA imali ephezulu kweR260 miliyoni emnothweni weKwaZulu-Natal umjaho omkhulukazi wamabhiza, iVodacom Durban July.

Lezi zindaba zivezwe nguMphathantambo wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuvakatsha leMvelo eKwaZulu-Natal, uMnumzana Sihle Zikalala.

Uthe iVodacom Durban July ekhona mhlaka 7 Ntulikazi eGreyville Racecourse izabiza abantu abaphezulu kwe-55 000.

“Ngomnyaka odluleyo iVodacom Durban July ingenise uR260 miliyoni, silindele ukuthi ikhwele limali lonyaka. Izibalo zikhombisa ukuthi izangenisa uR159 miliyoni emnothweni weTheku kuphela bese ingenisa uR10 miliyoni ye-tax esikhwameni sikahulumende. Idala amathuba angu-320 emisebenzi ngomnyaka,” kutsho uZikalala.

UMnumzana Charles Preece, ophethe iFederated Hospitality Association of Southern Africa (Fedhasa) ezifundazweni ezigudle ulwandle, uthe amahotela alabantu njengoba kuyisebusika.

“Amahotela avame ukugcwala ngempelasonto yeVodacom Durban July. Izivakatshi zihlala isikhathi eside ngoba lezikolo zivaliwe, silindele ukuthi amahotela enze kahle, avamise ukugcwala ebusika ngoba abantu beza esifundazweni sethu befuna isimo sezulu esifudumele,” kutsho uPreece.

Sekuqalile ukuphithizela kwabasebenzi eGreyville Racecourse njengoba sekubalwa izinsuku ngaphambi kwalo ndumezulu yomcimbi.

Izolo ebesekhona amatende asegxunyekiwe, kwezinye izikhala kusafakwe izikhafula azongena phezu kwawo. Bekukhona abafaka ama-generator amakhulu azasebenza ukuze kungaphazamiseki noma ngabe kuphela umagetsi.

Amathikithi okungena atholakala eComputicket ezweni lonke jikelele ngeR220.

Amatende okulindeleke ukuthi abe khona lonyaka kubalwa ele-Afrotainment ezobe ibophele uTira, AKA, Sjava, Distruction Boyz, Tresor nabanye.

Kukhona le-Eyadini Village okuzobe kunandisa kuyo abaculi abahlukene okukhona kubo uBabes Wodumo, Lerato Kganyago, Major League nabanye kanti enye yiGagasi FM Red Star Experience okunoProfessor, Shimza, Busiswa, Tipcee, Vusi Nova labanye.

Amanye amatende ngaweMabala Noise iThe Great Gatsby le-Amstel Boomtown lamanye. — Ubulembu

Share This:

Sponsored Links