Uncategorized

Kubulawe isigebengu ebesiliqhawe kwabanye

12 Nov, 2015 - 16:11 0 Views

uMthunywa

JOHANNESBURG — Indoda ebidume ngelikaJunior 13 ogama layo lokuzalwa ngu-Ignatius Selokwane ebisolwa ngokuduna nokuba ngusomaqhinga kwezokuphanga ibiyiqhawe kwabanye abantu.

Izakhamizi zaseMamelodi empumalanga nePitoli ziphatheke kabi ngokudutshulwa kukaSelokwane ngeSonto ebusuku.

“UbengumSamariya olungile, enza isiqiniseko sokuthi silala sidlile,’’ kusho isakhamuzi.

Amaphoyisa athe le ndoda ibidingeka ejele kodwa izakhamizi ezingaphezu kwezingu-10 zithe zazingenandaba nokuthi imali iyithola kanjani — ubeyindoda elungile futhi ethobekile.

USelokwane (44), wadutshulwa wabulawa ngaphandle kwasebhusha enxanxathela yezitolo eMamelodi West.

Amaphoyisa athe uSelokwane wayesemotweni yakhe nabangani bakhe ngesikhathi kuma enye imoto eyavulela ngenhlamvu ibhekise kubo.

Abangane bakaSelokwane abazange baze balimale.

Kubikwa ukuthi uSelokwane wayebandakanyeka emacaleni okuphanga emabhange, kubika iDaily Sun.

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/JRD3VTT" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds