Izakhona yini iKaizer Chiefs lonyaka?

13 Aug, 2015 - 08:08 0 Views

uMthunywa

SESIPHINDE safika leso sikhathi sokuqala kwesizini entsha ye-Absa Premiership. Ngesikhathi iKaizer Chiefs idla isicoco ezinyangeni ezintathu ezedlule wonke amaqembu ayeyibuka iqukula edliwa ngumona agqugquzeleka ukuthi aqinise izinhlelo zawo zokugudluza Amakhosi esicongweni.

Kukumidlalo yeMTN 8 lapho okuvele khona amaqembu okufanele abhekwe ngoba atshengisa impawu zokuba nzima.
Phezulu kwelogu, ngokuqala kwesizini, kuhleli iBidvest Wits ekhuzwa nguGavin Hunt okungumqeqetshi okwazi kahle ukudla isicoco. UHunt ukholelwa ekuthini iqembu lakhe selihlangene ngokuphelele, ikakhulukazi nxa ubheka udonga lwasemuva.

Ukuzethemba kukaHunt kuphakanyiswa nguElias Domingues Pelembe, abamthole kuMamelodi Sundowns, okukhanya uzakuba yikhiye emathubeni abo esicoco.

KuSundowns kubukeka sengathi umsebenzi usemkhulu nxa ukhangele indlela edlale ngayo ikhitshwa yiBloemfontein Celtic. Abadlali bakhona kodwa kusobala ukuthi umqeqetshi, uPitso Mosimane, luyamxhela ubisi lwakhe lwabadlali.

Elinye iqembu okufanele liqaphelwe yiChiefs. Labo abacabanga ukuthi bazoyigudluza kalula eqhulwini kufanele bagawule.

Umkhumbi utshayelwa nguSteve Komphela kodwa abadlali kuseyibo laba abagila izimanga kuseloStuart Baxter.

Kubadlali beChiefs abatshengise impawu zokuba yikhiye kuyona kule sizini akekho obukhali njengoGeorge Lebese kanti loSiyanda Xulu obajoyine kade kuvaliwe ufike wangena wathi khaxa.

U-Eric Tinkler umqeqetshi okufanele aqhamuke lendlela azophumuza ngayo abadlali bakhe ngoba yize beseqophelweni eliphezulu kodwa ukungavali ngesikhathi amanye amaqembu edonsa umoya kubukeka kuzomkhubaza.

Njengamanje iPirates ilinyalelwe yinqwaba yabadlali, okuthi nxa usukhangelisisa kucace ukuthi bakhathele.

Ukudlala kwabo kahle kuCaf Confederation Cup kubukeka kuzobaphazamisa impela. Okuhle ngePirates yikuthi ilesikwati esikahle njengoba iphinde yaqinisa ngabadlali abafana ngoTendai Ndoro lo-Edwin Gyimah abebekuMpumalanga Black Aces ngesizini edlule. Ukaputeni, u-Oupa “Ace” Manyisa, wumdlali okusemqoka kakhulu ukuthi uTinkler aqale ngaye ukumphumuza.

Kulimpelaviki, inqola yePremiership izoshosholoza njalo ize iyofika ePort Elizabeth lapho abavikeli besicoco Amakhosi bezotholana phezulu leChippa United eNelson Mandela Bay Stadium. — Ubulembu

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/ZWTC6PG" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds