Uncategorized

Intokazi esencane izithanqaze phansi efulethini

02 Jul, 2015 - 11:07 0 Views

uMthunywa

JOHANNESBURG — Ngesikhathi uNokuthula Hlongwane (21) ethi uyovalelisa okokugcina kozakwabo emsebenzini ngoMsombuluko, uScelo Mthethwa, 23, wayecabanga ukuthi uyayeka emsebenzini.

Kodwa ngokuhamba kwesikhathi watshelwa ukuthi uNokuthula, intombi yakhe yeminyaka emine, igxume esitezi sika-13 efulethini eliseThekwini yafa ujuqu.

UScelo utshele iphephandaba iDaily Sun ukuthi: “Engikuzwayo kungaphezulu kwezinhlungu. Bengingakulinele lokhu. Besikhuluma ngayo yonke into . . . bengicabanga kanjalo.”

Uthe ubenenkinga yesibeletho kusukela ngo-2012.

“Uma ubuhlungu buqinisa kakhulu, wayengayi emsebenzini futhi ngangibona nje ukuthi lento imkhathaza kakhulu,” kusho uScelo.

NgoLwesihlanu ngaphambi kokuba azibulale zaseziqalile futhi izinhlungu.

Ngaphambi kokuba azibulale wafaka izithombe zakhe ezingu-24 kuFacebook, ezibhalwe ukuthi: “Ngaphambi kokuba ngiye eZulwini.”

UMajor Thulani Zwane uthe kuyaphenywa. — Ubulembu

Share This:

Sponsored Links