Uncategorized

Ibotshiwe inyanga ‘enothisa’ ngomphambili

24 Jan, 2019 - 00:01 0 Views
Ibotshiwe inyanga ‘enothisa’ ngomphambili

uMthunywa

IKHALELWE ngamasongo kaSigonyela inyanga yeMasosheni, eGreytown, okuthiwa ibidlwengula abantu besifazane abakhendla kuyo ibalutha ngokuthi umphambili wayo yilo khubalo ayelapha ngalo, othole wona ngeke aphinde ahlupheke.

Inyanga eleminyaka engu-26 esingeke sikwazi ukuyidalula ngoba ayikaveli enkantolo, ibotshwe ngoLwesine ekuseni isekhaya layo. Leli phephandaba lihabule ngemithombo yalo ukuthi inyanga ibimatasa ithaka amakhathakhatha ayo ngesikhathi ezakwadalwane zitheleka yathuka, yajuluka yamanzi te bayigaxa izinsimbi bachitheka layo.

Kuthiwa imikhuba yayo isabalele endaweni. Kuyaziwa ukuthi yelapha kakhulu isifazane esitshela ukuthi induku yayo ikhipha amashwa, izinto zaso zikhanye. Kuvele lokuthi uyabagqugquzela ukuthi bazohlalela ngasekhaya lakhe kanti ufuna ukuzitika ngabo ehleli labo. Umthombo uthi inyanga ibotshwa nje sekulabesifazane abebehlala kuyo le nyanga, belatshwa besuka esigodini eShana, eGreytown. Kuvela lokuthi laba besifazane bebeze ngosizi lwabo, bengazi ukuthi lo mlisa ubaconsela amathe njengoba behlala laye.

Kuthiwa omunye wabo uvule icala lokudlwengulwa njengoba inyanga ligcine liyishonele nje. Akuqondakali ukuthi lo wesifazane ukhuleliswe yiyo yini inyanga noma ukhulelwe kwenye indawo.

Okhulumela amapholisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, ukuqinisekisile ukubotshwa kwalo mlisa.

Uthe umgilwa ubikele amapholisa ukuthi wabhozonyelwa yile nyanga yamdlwengula. Uthe kwavulwa icala eKranskop ladluliselwa ophikweni olubhekene lobugebengu obuhambisana locansi njengoba ethelekelwe ezakwadalawane, wabotshwa.

“Kulindeleke ukuthi umsolwa avele emthethwandaba eKranskop kusasa ebhekane lecala lokunukubeza ngokocansi owesifazane oleminyaka engu-25,’’ kutsho uColonel Mbele.

Share This:

Sponsored Links

Survey


We value your opinion! Take a moment to complete our survey
<div class="survey-button-container" style="margin-left: -104px!important;"><a style="background-color: #da0000; position: fixed; color: #ffffff; transform: translateY(96%); text-decoration: none; padding: 12px 24px; border: none; border-radius: 4px;" href="https://www.surveymonkey.com/r/JRD3VTT" target="blank">Take Survey</a></div>

This will close in 20 seconds